U-L’vovo udalula okucishe kwambulala

Lubhalwe nguLinda Ximba

Isihlabani somculo we-kwaito uL’vovo Derango sikholwa ukuthi isifo sohlangothi asithola ngoZibandlela nyakenye sasiwumphumela wokungawaphuzi amaphilisi akhe, ukungadli ukudla okunempilo nokungaphumuli ngokwanele.

Umculi wodumo lwengoma ethi Bayang’sukela, ogama lakhe langempela uThokozani Ndlovu, uke waba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokungaqedi ukucula kwiNdwedwe Music Festival ngomhlaka-23 ngoZibandlela. 

Uzakwabo  ongumculi weBig Nuz uMampintsha naye uphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokugula okufanayo ngesikhathi esifanayo.

Ngeshwa uMampintsha ogama lakhe langempela uMandla yena Maphumulo udlulile emhlabeni ngemuva kwezinsuku ezimbili engeniswe esibhedlela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uLvovo uxoxe kancane ngokwenzekile.

“Umfutho wegazi ophezulu ubukhuphukile kanti bengingaze ngiwaphuze amaphilisi ami njengoba ngiyalelwe.”

“Okunye engicabanga ukuthi kube nomthelela ekutheni ngishaywe isifo sohlangothi ukuthi bengidla ukudla okungenamsoco ngoba ngihlezi ngisendleleni ngihambela izindawo ezihlukene kanti futhi bengingawuphumuzi ngendlela efanele umzimba wami.”

Uthe uhlela ukuqikelela ukuthi udlani okuhlanganisa nokuqikelela ekwehliseni uphuzo oludakayo.

Ecabanga ngesikhathi asichitha noMampintsha, uLvovo uthi kumphatha kabi ukudlula emhlabeni kwakhe uzizwa esheshe waphucwa yena.

“Ungikhohlisile ngoba ngimvakashele ngoLwesine esibhedlela wathembisa ukuthi uzophuma ezokhangisa ingoma yeBig Nuz ethi, Ngeke okuyiyo ehlukanise unyaka  kuKhozi FM.

“Ngesikhathi ngiphuma esibhedlela  bekwinkonzo yakhe yokugcina ngebhadi angikwazanga ukuvalelisa okokugcina kuyena” kusho uLvovo.

Ngaphandle komculo uL’vovo useke wangenela imidlalo yokulingisa  kuZalo neHostela.

Osesithombeni esingenhla: nguL’vovo Derrango

Umthombo wesithombe: Sunday World

Izihloko zakamuva