Sizwe Sibiya
Abaculi abashiya ilebuli yokurekhoda futhi bakhiphe umculo ngokuzimela kuyinto esikhula kakhulu, kodwa akekho noyedwa okwenza kangcono kunomrepha wase-British nase-Nigeria uLittle Simz.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, ukhiphe i-albhamu yakhe yesine ngaphansi kwelebula lakhe lase-London, i-Age 101 Music, ne-AWAL Music Distribution Company.
Le phrojekthi ithole udumo lomhlaba wonke, futhi iyisiqongo sakamuva emkhakheni wemisebenzi ozolokhu ukhula.
Ngowezi-2015 lo mrepha, ogama lakhe langempela nguSimbiatu Ajikawo, ukwazile ukuzinza kunombolo yama-43 ku-UK Independent Charts nge-albhamu yakhe yokuqala ethi-A Curious Tale of Trials + Persons.
I-albhamu yakhe yesibili iphakame yadlula izindawo ezingama-42 yanyukela kunombolo yokuqala, kanjalo ne-albhamu yakhe yesithathu, i-Grey Area yangowezi-2019. Lokhu kanye nomzamo wakhe wakamuva konke kuncintisana nezikhondlakhondla zemboni yomculo uDrake noKanye West obasanda kukhipha ama-albhamu.
Uma uqala ukuzwa uLittle Simz awukwazi ukuqiniseka ukuthi ulalela hlobo luni lomculo. Uyalahleka ekushayweni kwezinsimbi zomculo ezibushelelezi ezandleni zika-Inflo, okhiqize zonke izingoma ezikule albhamu.
Ngemuva kwalokho uqala ukucula ngephimbo lase-London elinomfakela wakhe wase-Nigeria.
Lo mculi oneminyaka engama-27 indlela abhala ngayo izingoma zakhe iyona enenza avelele. Ziyinxube yezingathekiso nokunotha kolimi okukhombisa ubuhlakani bakhe ngamazwi, kanti futhi kwabelana ngolwazi olujulile nomuzwa wokuziqhenya.
Izingoma zakhe ezikwi-albhamu yakamuva ethi-“Point and Kill” okukhona kuyo i-Obongjayar nethi-“Woman”, ibuyise uCleo Slo, ongumculi obuye abekhona engomeni ethi-Grey Area. Zombili izingoma ziphethe amandla afanayo akhanyisa wonke amathrekhi ayi-12 akwi-albhamu.
Umthombo wevidiyo: i-YouTube