Izindaba zokudlula emhlabeni kwesihlabani se-Kwaito, uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi ngoLwesine ekuseni zishiye abalandeli eNingizimu Afrika bethukile.
UNkayise “Sister Tshwebhu” Modlana-Mbatha, ongumculi we-Kwaito wase-Alexandra, eGoli, uthe uMshoza ubefana nodade kuye. Umaze kusukela kowezi-2006.
“UNomasonto, ubengumngani wami omkhulu. Wayenguzakwethu, kodwa ngasikhathi esinye besijwayele ukushayelana ucingo sivulelane izifuba,” usho kanje etshela abakwa-Scrolla.Africa.
“Sihlangane ngomngani wethu esitudiyo se-Kalawa Jazmee. Kusukela lapho savele sajwayelana ngoba bekuyithi sodwa amantombazane e-Kwaito,” kusho uNkiyase.
Uthe wabelane ngezinto eziningi azikhumbulayo nalo mculi wengoma eyashisa ikhotha ethi-Kortes.
“Sasihlekisa ngokuthi bangibiza ngokuthi ‘Mama we-Kwaito’. UNomasonto wayethe angiqhubeke nokuba nguMama we-Kwaito.
“Ethi yena uzoba ngu-Godmother.”
Yize ingakabekwa obala imbangela yokushona kwakhe uNkiyase uthe ngesikhathi egcina ukukhuluma noMshoza wathi akaphilile. Kuyaziwa ukuthi ubelwa nesifo sikashukela.
“Ubekade efonile futhi enginika izinombolo zakhe ezintsha ngoba besinezinhlelo zokukhipha ingoma, kodwa i-Covid-19 yazihlehlisa. Ungitshele ukuthi akaphilile. Lapho ngibuza ukuthi kwenzenjani, wathi uzongitshela ngokuhamba kwesikhathi. Lokho kwakungoMbasa” kusho uNkiyase enezela ngokuthi le ntokazi, eneminyaka engama-37, ibiwuthanda umndeni wayo, ikakhulukazi izingane zayo ezimbili.
Ingoma yokugcina kaMshoza ithi-Ayina Chorus, yakhishwa ngoNcwaba ka-2018.
IPhalamende lithumele umyalezo wenduduzo emndenini.
Picture source: @Connection01