Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ngemuva kwezinyanga ezintathu efunwa, u-Eva Tembo (6) usetholakele futhi uhlanganiswe nomama wakhe.
Utholwe ngoMsombuluko ngemuva kokuba umthumbi wakhe, uCarlos Rebelo, emnikele kubameli bakhe ababize amaphoyisa.
U-Eva manje usephephile futhi unomama wakhe, uLaura Nkhana, esibhedlela iCharlotte Maxeke eGoli.
UNkhana uthe: “Bengingalali ebusuku kusukela ngomhlaka-12 kuNtulikazi ngesikhathi indodakazi yami ithathwa kimina, ngake ngacabanga ukuthi ngeke ngiphinde ngiyibone. Ngibonga uNkulunkulu kanye nabaseshi abasebenze ngokuzikhandla bezama ukuthola umsolwa.”
Uphinde wabonga uWarrant Officer Zipho Sithole kanye noSergeant Queen Modjadji ngokulokhu bemazisa ngeminye imininingwane evelayo yakamuva.
“Ukube abaseshi bamaphoyisa abazange basebenze kanzima kuleli cala, uRebelo ubengeke ayizwe ingcindezi eholele ekutheni abuyise indodakazi yami,” kwengeza uNkhana.
Yize u-Eva ephephile, amaphoyisa asathungatha uRebelo (72) obelokhu ecashile kusukela amthumba ngomhlaka-12 kuNtulikazi.
ULaura no-Eva babehlala emzini kaRebelo e-Kensington, empumalanga yeGoli, lapho uLaura asebenze khona njengesisebenzi sasendlini kusukela ngo-2014.
Esithombeni esingenhla: ULaura Nkhana nendodakazi yakhe u-Eva baphinde bahlangana.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga
