Lubhalwe nguMbhali weStaff
- Izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika abebentshontsha ugesi sebezokhokha ngemuva kohlelo olusha lwamamitha.
- U-Eskom ungathola u-R440-million ngaphezulu njalo ngenyanga kubantu abebengakhokhi phambilini.
Ukwelulwa ngenyanga kwabasebenzisi bakagesi wekhadi ukuze baguqule amamitha abo kuletha imiphumela emihle kwa-Eskom.
Umthetho omusha ophoqa abantu ukuthi balungise amamitha abo kagesi usubambe abantu baseNingizimu Afrika abangu-400,000 abebengawukhokheli ugesi.
Laba bathengi, bebethola ugesi ngamamitha angekho emthethweni noma ngezinhlelo zokuthenga ngokungemthetho, sebephumele obala bazobhalisa ngendlela efanele.
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthe uma laba bantu beqhubeka nokuthenga ugesi ngendlela okuyiyona, u-Eskom uzothola u-R440-million njalo ngenyanga. Lokhu kususelwa emakhaya ampofu asebenzisa ugesi olinganiselwa ku-R1,200 njalo ngenyanga.
Sesehlile isibalo sabantu okusolakala ukuthi bantshontsha ugesi sisuka ku-2.1-million saya ku-1.7-million.
Kodwa u-Eskom usalahlekelwa cishe u-R2-billion njalo ngenyanga ngenxa yokweba. Amadolobha nomasipala balahlekelwa omunye u-R8.6-billion unyaka ngamunye ngenxa kagesi ontshontshwayo.
Umphathi wakwa-Eskom, uMnuz Monde Bala, uthe bathwale kanzima ukunqanda ukwebiwa kukagesi ngoba abasebenzi babo bahlezi besatshiswa.
“Bekucishe kube nzima ukuthi singene kulezi zindawo ngenxa yokuthi abasebenzi bethu bebehlezi besatshiswa,” usho kanje.
U-Eskom ufuna ukuthi wonke amamitha anenkinga abe eselungisiwe ngoNhlaba wango-2025.
Cishe bonke abathengi abakhokhayo abese bevele bebuyekeze amamitha abo ngaphambi komnqamulajuqu wangomhlaka-24 kuLwezi.
Labo abangakazitholi izinombolo zabo ezibuyekeziwe, banikezwe umnqamulajuqu wangomhlaka-13 kuZibandlela ngaphambi kokuba babhekane nenhlawulo.
UNgqongqoshe uthe ukungakhokhi kulimaza wonke umuntu ngokwenyuka kwentengo kagesi. “Abagilwa bangempela yilabo abakhetha ukungakhokhi ngabathengi abakhokhayo… ukhokhela labo abakhetha ukungakhokhi,” usho kanje.
Naphezu kokuhlehliswa kwesikhathi, izakhamuzi zase-Alex bezisabambe umugqa ukuze zilungiswele amamitha azo.
Esithombeni esingenhla: Izakhamizi ezibambe umugqa ukuze ziyolumgisa amamitha azo e-Alex.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga