Kuzoba ubusuku obumnyama nobumuncu njengoba u-Eskom umemezele ukuthi ukunqanyulwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuyabuya ngenxa yokwanda kwesidingo ngemuva kwempelasonto ende nokuvulwa kwezikole.
Ngokusho kwabakwa-Eskom, uhlelo lokuphehla ugesi lungaphansi kwengcindezi eyengeziwe futhi lubhekene nokushoda kwamandla okukhiqiza.
Ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuzoqala ngehora lesine ntambama ngoLwesithathu kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngoLwesine.
Ngemuva kwalokho kuzobe sekuqala usigaba sesihlanu kuze kube ihora lesine ntambama ngoLwesine.
Inkampani ephehla ugesi ibike ukuthi kuphazamiseke ugesi ongu-16,772MW wamandla okuphehla, kanti ukulungiswa okuhleliwe kwehle kwafinyelela ku-5,807MW.
U-Eskom uthe wenza konke okusemandleni ukubuyisela ugesi, kodwa ukubambezeleka kokubuyisela amayunithi emsebenzini kube nomthelela ekuncipheni kwamandla.
“Ngaso leso sikhathi, uphiko oluphehla ugesi e-Duvha luvaliwe ukuze lulungiswe. Ukubambezeleka kokubuyisela uphiko ukuthi lusebenze eziteshini zikagesi e-Camden, e-Kendal, e-Lethabo, e-Medupi kanye ne-Tutuka kube nomthelela ekuncipheni komthamo.”
U-Eskom unxuse abantu bakuleli ukuthi basebenzise ugesi ngokuwonga nangempumelelo kulesi sikhathi sobumnyama.
“Sibonga bonke abantu bakuleli abaqhubeka nokusebenzisa ugesi ngokuwonga nangempumelelo,” kusho u-Eskom.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe ngenhla: U-Eskom