U-Eskom usumemezele isigaba sesibili sikagqamcishi 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Isiteshi sikagesi esibizwa ngeKusile singezinye sezindawo ezintsha eziphehla ugesi ngamalahle kuleli ngokukhiqiza umthamo ongu-19% kuphela futhi kulindeleke ukuthi siqhubeke ngale ndlela kuze kube uZibandlela.

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa utshelwe ngesikhathi evakashele esiteshini sikagesi e-Witbank ngoLwesibili ukuba kulindeleke ukuthi kuphehlwe amandla amaningi ekupheleni konyaka.

Le ndawo ebizwa ngeKusile yakhiwa ngemali engu-R166 billion ukukhiqiza ugesi cishe ongu-4,800 megawatts. Iyunithi yayo yesine yavulwa ngoNhlaba nyakenye kanti u-Eskom wathi ngoNhlangulana ngawo lowo nyaka le mboni kulindeleke ukuthi ibe isiqediwe ngo-2024.

URamokgopa uthe amanye amayunithi amane azoqala ukusebenza ngoZibandlela kanti olunye uphiko luzoqala ngoNhlolanja.

URamokgopa uvakashele iziteshi zikagesi i-Kriel ne-Duvha ngoMsombuluko, wavakashela iKusile ne-Kendall ngoLwesibili.

“Uma singabutholi ubusika obubanda kakhulu futhi siqhubeka nokubona uhlobo lwentuthuko esiyibonayo, angicabangi ukuthi sizodlulela ezigabeni eziphakeme zokucisha ugesi ngaphezu kwalokhu ebesibhekene nakho.”

URamokgopa obona indima yakhe ayidlalayo njengomphathi wephrojekthi yohlelo lukaMengameli Cyril Ramaphosa Lwezamandla Likazwelonke, uthembise ukwethembeka nokuphumela obala nganoma iziphi izinkinga zakwa-Eskom.

Uthe ukusebenza kahle kwawo wonke amayunithi eKusile ikhona okubalulekile ekuxazululeni inkinga yokucishwa kukagesi kuleli.

“Ingxenye enkulu yezinkinga zethu zokucishwa kukagesi zizoxazululwa ngokuthi sizokwazi kanjani ukubhekana nezinkinga zalapha eKusile,” kusho uRamokgopa.

“Ngakho-ke, ikhiqiza ku-EF u-19% futhi leyo iyunithi eyodwa kuphela, okuyiyunithi yesine kwamayunithi ayisithupha akhona.”

“Sinethemba lokuthi amayunithi amane azongena ekupheleni kwalo nyaka kanti enye izoqala ngoNhlolanja.”

URamaphosa unikeze uRamakgopa izinhlelo ezinhlanu okumele agxile kuzo:

Ukulungisa u-Eskom nokwenza ngcono ukutholakala kwezinto ezibalulekile.

– Ukuvumela kanye nokusheshisa ukutshalwa kwezimali kwangasese ekukhiqizeni amandla. 

– Ukusheshisa ukuthengwa kwamandla amasha avuselelekayo, igesi kanye nokugcinwa kwebhethri. 

– Ukukhulula amabhizinisi kanye nemindeni ukuthi itshale imali kugesi welanga. 

– Ukuguqula ngokuyisisekelo umkhakha kagesi ukuze kuzuzwe ukuvikeleka kwamandla kwesikhathi eside. 

Khonamanjalo, u-Eskom uthe ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngoLwesithathu ngenxa yomthamo wokuphehla kanye nokuncipha kwezidingo.

“Isigaba sesibili sokucishwa kukagesi sizoqala ukucishwa ngoLwesithathu. Isigaba sesithathu sizoqala ngehora lesine ntambama ngoLwesithathu kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngoLwesine,” kusho isitatimende senkampani ephehla ugesi.

Isithombe esingenhla: Isiteshi sikagesi iKusile

Umthombo wesithombe: Eskom

Izihloko zakamuva