U-Eskom usola isiteleka ngokucishwa kukagesi

Zukile Majova

Njengoba elakuleli lingena kwizinga lesithupha lokucishwa kukagesi, inkampani ephehla ugesi u-Eskom ikhomba ngenjumbane abasebenzi bayo abatelekile.

U-Eskom usubeke etafuleni isiphakamiso sokuqeda isiteleka semiholo esiye sakhinyabeza ukukhiqizwa kukagesi okungenani eziteshini zikagesi eziyisishiyagalombili ezweni lonke.

I-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), ikuqinisekisile ukuthi ibe nomhlangano nabaphathi bakwa-Eskom njenge ngxenye ye-Central Bargaining Forum.

“Sixoxe cishe amahora ayishumi nambili kanti ekugcineni, u-Eskom wenze isiphakamiso semiholo ngesivumelwano esihlongozwayo sohlaka. Siyise lesi sivumelwano kumalungu wethu ukuze asigunyaze,” kusho okhulumela i-Numsa uPhakamile Hlubi-Majola.

Kulindeleke ukuthi izinyunyana zihlangane nabaphathi bakwa-Eskom ngoLwesibili ukuze banikeze impendulo emkhandlwini wezingxoxo.

NgeSonto, u-Eskom uthe: “ukucima kukagesi kwesigaba sesithupha kuzoqala ngoMsombuluko ntambama, ngezigaba ezahlukene zokucisha ugesi phakathi nesonto.”

U-Eskom uthe ugesi ongu-3,384 MW usalungiswa kanti ugesi ongu-18,319 MW awutholakali ngenxa yokonakala.

Izimboni, izinkampani zezimayini kanye namabhizinisi amancane noma aphakathi nendawo (ama-SME) kufanele azilungiselele amanye amasonto amabili noma amathathu okucishwa kukagesi.

“U-Eskom uxwayise umphakathi ngokuthi kusazothatha amasonto ambalwa ukuthi uhlelo lokuphehla ugesi lubuyele emazingeni angaphambi kwesiteleka,” kusho u-Eskom ngeSonto.

Kulahleka amahora angaphezu kwayishumi ngosuku ngenxa yesigaba sesithupha sokucisha kukagesi kanti isigaba sesishiyagalombili sithatha amahora angu-12 emjikelezweni wamahora angu-24.

Kuyizindaba ezimbi zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe oselubeke umgomo walo wokudala amathuba omsebenzi angaphezu kuka-11 million ekukhuleni kwamabhizinisi amancane nasafufusa.

Lezi zinkampani ziphoqeleka ukuthi zivale amabhizinisi azo ngesikhathi sokucishwa kukagesi ngenxa yokuthi ukusebenzisa ezinye izinto zikagesi njengamajeneretha kubiza kakhulu njengoba uphethiloli ubiza u-R23 ilitha.

Isigaba sesine sokucishwa kukagesi sizoqala phakathi kuka-5am no-4pm ngoMsombuluko, kulandele isigaba sesithupha kusukela ngo-4pm kuya ku-10pm.

Izihloko zakamuva