Dylan Bettencourt
IMeya ye-DA eGoli uMnu Mpho Phalatse ithi idolobha lidinga u-R26 billion ukuze lisimamise ugesi walo.
Ekhuluma engqungqutheleni yezamandla ngoMsombuluko uPhalatse uthe idolobha elikhulu eNingizimu Afrika linesabelomali sika-R7.7 billion kuphela wengqalasizinda.
INingizimu Afrika selokhu yabhekana nokucinywa kukagesi kusukela ngonyaka ka-2008 njengoba u-Eskom usaqhubeka nokulwa nezidingo kanye neziteshi zikagesi ezihlulekayo.
Isikhulu esiphezulu senkampani kagesi u-Andre de Ruyter uke washo phambilini ukuthi amandla esizukulwane esisha ayadingeka uma kuzoncishiswa ukucishwa kukagesi.
Isonto lesithathu iNingizimu Afrika ibhekane nokucishwa kukagesi ugesi njengoba u-Eskom wehluleka ukuhambisana nezimfuno.
Esitatimendeni sangeSonto u-Eskom umemezele ukucishwa kukagesi kwesigaba sesibili phakathi kwehora lesihlanu kuya kweleshumi ebusuku isonto lonke.
U-Eskom wengeze ngokuthi bazozama ukunciphisa ukucishwa kukagesi kuze kube sebusuku kakhulu.
UPhalatse engqungqutheleni yezamandla uthe iGoli lihlose ukuzimela ku-Eskom ukuze kwehle ukunqanyulwa kukagesi edolobheni.
Uthe lokhu kuzokwenziwa ngokwethula ingxube kagesi esimeme ehlanganisa abakhiqizi bakagesi abazimele kanye namajeneretha kagesi amancane.
“Amandla ahlinzekwa ngabakhiqizi abazimele ngeke nje athuthukise ukuvikeleka kwamandla kagesi edolobheni kodwa futhi azophendula kahle ekuguqukeni kwesimo sezulu,” kusho uPhalatse.
Wengeze ngokuthi njengamanje iGoli lithola u-90% wamandla ayo kwa-Eskom futhi ukuze likwazi ukuzimela idolobha kufanele lisebenzisane nezinkampani ezizimele.
“Idolobha liyakubona ukuthi alukho uxhaso oludingekayo ukuze ubudlelwano phakathi komphakathi bubonakale njenge ndlela engenzeka kakhulu,” kusho uPhalatse.
Umthombo wesithombe:@TheSouthAfrican