U-Eskom usabisa ngokumangalela abalimi abazikhiqizela ugesi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abalimi baKwaZulu-Natal badinwe bagane unwabu ngezinhlelo zika-Eskom zokubathathela izinyathelo zomthetho ngokuzikhiqizela ugesi.

Basola u-Eskom ngokusabisa imboni ekhiqiza ukudla kwezwe ngokubahlukumeza. Kodwa-ke, abalimi balindele ukubona ukuthi izingxoxo phakathi kwabo no-Eskom zizoya kuphi ngaphambi kokuhlela ezinye izimpendulo.

Iningi labalimi baKwaZulu-Natal sebephendukele ekuzikhiqizeleni ugesi ukuze basize ekukhiqizeni ukudla.

UHerman de Wet we-Transvaal Agricultural Union KwaZulu-Natal uthe uma u-Eskom uqhubeka nalokhu abalimi ngeke babe namandla anele okukhiqiza ukudla.

Samsung Galaxy 14G

“Bheka, ukuze sikhiqize ukudla sidinga ugesi omningi wokunisela izitshalo nokunye okudingekayo ukuze sikhiqize ukudla. Ukunisela kuphela kudinga u-50% kagesi u-Eskom owehlulekayo ukuwuhlinzeka ngenxa yokucishwa kukagesi,” kusho uDe Wet.

Abalimi abasathuthuka okuyibo abahlomula ngokubuyiswa komhlaba yibona abahlupheka kakhulu. Bambalwa kulaba balimi abanezinsiza ezanele zokuqhamuka nezinye izindlela zokuphehla ugesi.

Abanye bakhale ngokuthi babhekene nesikweletu esikhulu sikagesi ngenxa yephutha labanikazi bangaphambilini ngesikhathi ukucishwa kukagesi kucekela phansi amabhizinisi abo.

IPhini likaMengameli weNhlangano yezoLimo KwaZulu-Natal (Kwanulu) uMnu Peter John Hassard uthe banqume ukuxoxisana no-Eskom mayelana nalokhu ngoba izinxushunxushu zizokwanda.

“Sikhuluma nje uMphathi uxoxisana no-Eskom ukuze baqhamuke nesixazululo esizoba ungunaphakade. Siphakamisa ukuthi abalimi bakhululwe ekucishweni kukagesi kodwa u-Eskom uthi ngeke kwenzeke njengoba amakhebuli ethu exhumene nemiphakathi esihlala kuyo. Kodwa sisaxoxisana nabo,” kusho uHassard.

UMengameli weKwanulu u-Angus Williamson uthe kunesidingo sokuqhamuka nezisombululo njengoba inkinga yokucishwa kukagesi iqhubeka.

Uthe uhulumeni kumele aqhamuke nezixazululo zokwehlisa intengo yokudla ngoba abalimi babhekene nesimo esinzima.

Abalimi baKwaZulu-Natal bakhiqiza ukudla okunjengoshukela, izitshalo, izithelo kanye nenyama.

U-Eskom awukaphenduli esicelweni sokuthi uphawule.

Esithombeni esingenhla: Abalimi baKwaZulu-Natal abangaboni ngaso linye no-Eskom.

Umthombo wesithombe: Farmers Weekly

Scrolla World Cup Quiz