U-Eskom uhoxise abasebenzi bawo e-Khayelitsha

Buziwe Nocuze

Izingxenye zelokishi lase-Khayelitsha zisale zimnyama ngemuva kokuthi u-Eskom ucishe ugesi ngenxa yokuthi amaqembu ezigebengu ebefuna imali yokuvikela abasebenzi bakwa-Eeskom.

Izingxenye zelokishi lase-Western Cape azinawo ugesi kusukela ngeSonto ngemuva kokuthi inkampani ephehla ugesi ikhiphe abasebenzi bayo endaweni.

Muva nje, izigelekeqe zendawo bezihlose ukuqola abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle kuphela, befuna ukukhokhelwa njalo ukuze abanikazi bezitolo bathole ukuvikelwa. Uma benqaba amabhizinisi abo ebecekelwa phansi kwesinye isikhathi abanye abanikazi bezitolo bebulawa.

Esinye isakhamuzi sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi bayazisola ngokungenzi okuthile ukuvimba lezi zigelekeqe ngesikhathi ziqala ukuqola abanikazi bezitolo.

“Asizange senze lutho ngesikhathi lezi zigebengu ziqala ukuqoqa imali kubanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle,” kusho isakhamuzi.

Kodwa emasontweni asanda kwedlula amaqembu ezigebengu ebebheke ukuthola imali enkulu, asuka ekuqondeni amabhizinisi azimele aya enkampanini yakuleli kagesi.

Oyibamba loMphathi Jikelele kwa-Eskom uMbulelo Yedwa, uthe izigebengu zitshele abasebenzi bakwa-Eskom ukuthi bakhokhe imali yokuvikelwa engu-R20 000 ngenyanga noma baphume endaweni. Baphinde bafuna imali efanayo kosonkontileka abasebenza elokishini lase-Harare.

“Sinezigebengu ezicekela phansi ingqalasizinda yakwa-Eskom bese zicela umphakathi ukuthi ukhokhe imali engu-R30 ukuze ugesi uxhunywe kabusha. Ngaphezu kwalokho, sekufike ezindlebeni zethu ukuthi kuneqembu axhumela abantu ugesi ngokungemthetho ngemali engu-R1,500 umuzi ngamunye.” kusho uYedwa.

Uthe lobu bugebengu budonsisa inethiwekhi yakwa-Eskom kanzima, ikakhulukazi ngezikhathi uma ama-transformer esebenza ngokweqile.

“Ukuphepha kwabasebenzi bethu ngeke kubekwe engcupheni, ngakho u-Eskom usekuhoxisile ukusebenza kuze kube abaholi bomphakathi kanye nophiko lwamaphoyisa akuleli bayakuqinisekisa ukuthi kuphephile ukubuya.”

Njengoba u-Eskom uyeke ukusebenza e-Khayelitsha, izakhamizi zendawo azinawo ugesi.

“Kungani becela imali kubantu abaye lapho ukuze bebasize nemindeni yabo? Abanazinhliziyo ngendlela yokuthi bengaze befune imali kubantu abaletha izidingo emiphakathini yethu?” kubuza isakhamuzi esifanayo.

Abantu bendawo bakholelwa ukuthi abakwa-SAPS abanawo amandla okubhekena nobugebengu obudlangile nobusobala nje ngalobu.

“Esikudingayo e-Khayelitsha amasosha. Amalungu akwa-SAPS ngeke azenze lutho lezi zigebengu,” kusho isakhamuzi.

Izihloko zakamuva