
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Isethembiso sakwa-Eskom sokunciphisa izigaba zokuchishwa kukagesi kuleli sonto sithathe amahora ambalwa ngaphambi kokuthi inkampani kagesi ikhuphule ukucishwa kukagesi kuye kwisigaba sesihlanu sokuchishwa kukagesi ngoMsombuluko ntambama.
NgeSonto, u-Eskom uthe ukucishwa kukagesi kuzobe kuphakathi kwesigaba sesithathu kuya kwesesine okusho ukuthi ugesi uzocishwa amahora amane kuya kwayisithupha ngosuku.
Cishe ngemuva kwamahora angu-24 lesi sitatimende siphumile, u-Eskom umemezele ukucishwa kukagesi kwesigaba sesihlanu okusho ukuthi ugesi uzocishwa amahora ayisishiyagalombili ngosuku.
“Ngemuva kokwehluleka kwamayunithi amahlanu aphehla ugesi namuhla, isigaba sesihlanu sokuchishwa kukagesi sizoqala kusukela ngehora lesine ntambama ngoMsombuluko kuze kube kusasa ngehora lesihlanu ekuseni ngoLwesibili ngemuva kwalokho ukucishwa kukagesi kuzokwehliselwa esigabeni sesine kuze kube kukhishwa esinye isaziso,”kusho isitatimende sakwa-Eskom.
Ukushintshashintsha phakathi kwesigaba sesihlanu kanye nesesine kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube kumenyezelwa okuhlukile ngemuva kokuthi ukulungiswa kwamayunithi aphehla ugesi e-Medupi, e-Matla, e-Tutuka kanye namanye amabili e-Hendrina Power Station kubambezeleke kuleli sonto.
“Ukulungiswa kombhoshongo ocekeleke phansi osuka e-Cahora Bassa e-Mozambique kuyaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi ubuyele esimweni ngesonto elizayo,” kusho u-Eskom.
Ukucishwa kukagesi kudla umnotho imali engaphezu kuka-R1 billion ngosuku futhi kwehlise ukukhula komnotho wezwe
ngo-2% nokuyinto ephazamisa imizamo yokudala amathuba emisebenzi kubantu abasha abangasebenzi kuleli.
Khonamanjalo ochwepheshe bakwa-Eskom bachithe ingxenye enkulu yosuku lwangoMsombuluko belungisa ingqalasizinda ecekelwe phansi iziphepho e-Eastern Cape ngeSonto ebusuku.
Izindawo ezinkulu zesifundazwe ezihlanganisa amadolobha angaphezu kuka-15 zisabalale esifundeni saseMathole (East London), i-OR Tambo (Mthatha) kanye neChris Hani (Queenstown).
Lezi zindawo ezihlanganisa izindawo zezokuvakasha njenge-Port St Johns, Coffee Bay kanye neHole-in-the-Wall bezisalulama ezikhukhuleni zakamuva ezikhukhule imigwaqo namabhuloho nokwenze ukuthi kube nzima ukuthi ochwepheshe bafinyelele kuzo.
Esithombeni esingenhla: Ochwepheshe bakwa-Eskom besebenza kanzima belungisa ingqalasizinda
Umthombo wesithombe: @Eskom_SA