U-Eskom nokucishwa kukagesi

Dylan Bettencourt

Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter sidalule ukuthi elakuleli lizongena esigabeni sesithupha ngoLwesibili ebusuku.

“Isizwe besibhekene nesigaba sesine sokucishwa kukagesi kanti sibe nokuwohloka okukhulu ngobusuku obubodwa ingakho sithathe isinqumo sokufaka isigaba sesithupha sokuhamba kukagesi kusukela namhlanje ebusuku,” kumemezela uDe Ruyter esithangamini nabezindaba ngoLwesibili ekuseni.

Le nkampani ilahlekelwe izindawo zokuphehla ugesi eziyishumi ngoMsombuluko ebusuku kanti imisebenzi eminingi iphazamisekile ngenxa yabasebenzi ababhikishayo.

U-Eskom unethemba lokuthi uzobuyela ku-3,400 MW ngehora lesihlanu ntambama ngoLwesibili kodwa umbhikisho wabasebenzi ungase ukuvimbele lokho ukuthi kwenzeke. 

Isikhulu sakwa-Eskom sengeze ngokuthi kube nezingxoxo ezinhle nezinyunyana mayelana nesiteleka nomunye umhlangano ozoba ngoLwesibili.

Kodwa-ke noma isiteleka sesixazululiwe kuzoba nokusalela emuva okukhulu mayelana nokuphehlwa kukagesi.

“Noma isiteleka singaxazululwa, kuzoba nokusalela emuva okukhulu okusho ukuthi kunengozi enkulu yokucisha kukagesi,” kusho uDe Ruyter.

Nakuba bengekho ababhikishi asebeboshiwe isikhulu esiphezulu sithe inhlangano icabanga ukuvula amacala okushiswa kwempahla noma udlame.

“Sinxusa abasebenzi ukuthi balandele umthetho babuyele emsebenzini. 

Kuyadabukisa ukuthi izimfuno zezwe lonke zisengcupheni njengoba abasebenzi bezama ukuthola imihlomulo eminingi kwa-Eskom,” kusho isikhulu.

Elakuleli like labhekana nokucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kanye ngoZibandlela ngonyaka ka-2019.

Ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuzosho ukuthi kuzoba namahora ayisithupha okucisha ugesi ngosuku.

U-Eskom nokho ukholelwa ukuthi uma abasebenzi bebuyela emsebenzini ngokugcwele ingozi yokuya ezingeni eliphezulu lokucisha ugesi izosuswa.

Izihloko zakamuva