Lubhalwe nguZukile Majova
Abafundi abaningi bazobuyela esikoleni kulo nyaka omusha ka-2023, kodwa bazobhekana nobunzima: bazolahlekelwa imfundo yamahora amane kuya kwayisithupha ngenxa yokunqamuka kukagesi.
Kusuka esigabeni sesine kuya esigabeni sesithupha sokucishwa kukagesi okusanda kuqala, ugesi usunqamuka amahora ayisishiyagalombili kuya kwangu-12 kanti lokhu kuzokwenza abafundi babe nekhefu lamahora amaningi.
Ezikoleni eziningi zezwe ezingu-24,900 lokhu kusho ukuzulazula emagcekeni esikole njengoba izikole okufundwa kuzo zingenayo imali yokuthenga am-generator.
Njengoba ugesi ucishwa esikoleni emini nasemakhaya ebusuku, abafundi bayahluleka ukwenza umsebenzi wesikole kanti abanye bavuka ngehora lesithathu ekuseni bayogeza ngaphambi nje kwehora lesine ekuseni kuya ehoreni lesishiyagalombili okuyizikhathi zokucishwa kukagesi.
UNomusa Cembi okhulumela i-SA Democratic Teachers Union (Sadtu) utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izikole ezingakutholi ukukhanya kwelanga kwemvelo ziphoqeleka ukuthi ziyeke ukusebenza ngesikhathi sokucishwa kukagesi.
“U-Eskom kumele uzame izindlela zokuxazulula inkinga yokucinywa kukagesi ngoba akuzona zonke izikole ezikwazi ukukhokhela am-generator.
“Sicela uhulumeni azame ukwethula ugesi welanga nezinye izixazululo njenge-green energy ezikoleni.”
Kulo nyaka ka-2023 u-Eskom usucisha ugesi nsuku zonke kuleli, futhi kunezinsuku ezingaphezu kuka-350 zokucisha ugesi okulindelekile kulonyaka.
Kuleli sonto uMengameli Cyril Ramaphosa uhoxise uhambo lwakhe lokuyovakashela i-World Economic Forum e-Davos ukuze ahlanganise ikomidi likazwelonke lezinkinga zamandla aphinde athole isixazululo esisheshayo sokucishwa kukagesi.
Ikomidi lithe okungenani angu-14 ama-generator aphehla ugesi okulindeleke ukuthi asebenze kuleli sonto, kanti ukucishwa kukagesi kwehliswe kwaba sesigabeni sesine ngoLwesibili kanti kuzobuyiselwa esigabeni sesihlanu ngoLwesithathu.
Okungenani kulahleke-16,173MW umthamo wokuphehla ugesi ngenxa yokonakala kwe-grid kazwelonke kanti amanye ama-generator angu-12 amele u-5,804MW asalungiswa.
I-Necom imemezele lezi zinyathelo ezilandelayo zokuqeda ukucishwa kukagesi;
• Kumele kwethulwe ama-power plant amasha ngokushesha
• Kumele baqedele ama-power plant akhona futhi balungise namanye
• Kumele kufakwe imali eyengeziwe eziteshini eziyisithupha kwezingu-14 zakwa-Eskom eziphehla ugesi ngamalahle ukuze kuqinisekiswe ukwethembeka kwazo.
• U-2,000MW wamandla uzongena ku-grid kazwelonke (U-1000MW uvela emazweni angomakhelwane kanti u-1,000MW uvela kubakhiqizi abazimele)
• Ukwakhiwa ngokushesha kwamandla kagesi avuselelekayo okulindeleke ukuthi akhiqize u-2,800MW.
Iziteshi zikagesi ezizimele zokuqala eziyikhulu zizoqedwa kulo nyaka. Ngokuhlangene nama-power plant kulindeleke ukuthi akhiqize u-9,000MW.