Dylan Bettencourt
U-Erin Jackson ohamba phambili emhlabeni emdlalweni wokushushuluza eqhweni uye waphuthelwa yithuba lokungena kuma-Olympics asebusika ngemuva kokuwa ngesikhathi somjaho wokuhlunga.
Kodwa isenzo sokuzidela sikazakwabo uBrittany Bowe sisho ukuthi uzokwazi ukulwela indondo yegolide e-Beijing ngenyanga ezayo.
UBowe unikele ngendawo yakhe kule midlalo ukuze aqinisekise ukuthi uzakwabo uthola ithuba lokutholela iMelika indondo yegolide uma imidlalo iqala ngoNhlolanja.
UJackson ohamba phambili emhlabeni emqhudelwaneni we-500m washelela ngesikhathi kune-US Speed Skating Trials ngoLwesihlanu waphuma endaweni yesithathu.
UBowe uwine uqhudelwano we-500m, we-1,000m kanye nowe-1,500m kweyokuhlunga ukuze avikele indawo yakhe emiqhudelwaneni emithathu kodwa wancamela ukunikela ngendawo yakhe eyodwa ukuze uJackson abambe iqhaza kuma-Olympics asebusika.
“NgoLwesihlanu ebusuku ngaphambi kokuthi sisuke ebhilidini ngimtshelile u-Erin ukuthi angayithatha indawo yami ngoba usebenze ngokuzikhandla,” kusho uBowe embikweni we-NBC Sports.
NgeSonto, uBowe ukwenze kwasemthethweni ukuthi uzonikeza uzakwabo indawo yakhe emiqhudelwaneni we-500m.
“Lokhu bekumele ngikwenze kube semthethweni ngoba bengingeke ngikwazi ukubungaza e-Beijing ngaphandle kuka-Erin,” kusho uBowe.
UJackson uqophe umlando ngonyaka odlule ngoLwezi e-Poland ngesikhathi eba ngowesifazane wokuqala omnyama ukunqoba umqhudelwano weNdebe yoMhlaba. Wawina imijaho emine kweyisishiyagalombili ye-500m, waphuma endaweni yesibili neyesithathu emijahweni emibili kwemine.
UJackson waqeda endaweni yesi-24 kuma-Olympics akhe okuqala asebusika ngo-2018 kodwa kulo nyaka uzobe enethemba lokufeza amaphupho akhe okunqoba igolide lama-Olympics.
Umthombo wesithombe: @CodeSports