
Razeen Gutta
Kube nzima ukubuya kumdlali wase-Holland, uChristian Eriksen, owahlaselwa isifo senhliziyo kwi-European Championships ngonyaka odlule.
U-Eriksen usayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha neqembu elisha le-Premier League, i-Brentford.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 wadlala kowamanqamu we-Champions League edlalela i-Tottenham Hotspur iminyaka eyisithupha. Wajoyina i-Inter Milan ngo-2020 kodwa wabuye wahamba kuyo ngokuzithandela ngenyanga edlule.
Uye wamiswa emidlalweni ye-Serie A ngenxa yomthetho ye-Italian league yokungavumeli abadlali abafake imishini ye-cardioverter-defibrillator (ICD).
U-Eriksen wafakwa i-ICD esiza ngesimo senhliziyo yakhe ngemuva kokuthola i-CPR enkundleni yezemidlalo kwi-Euro 2020.
“Inhloso yami ukudlala kwiNdebe yoMhlaba e-Qatar. Ukuthi ngizoqokwa yini angazi, kodwa kuyiphupho lami ukubuya,” usho kanje.
“Ngifuna ukukhombisa ukuthi ngikulungele ukuphinde ngidlale eqenjini lesizwe. Konke kulele kumphathi ukuthi ahlole izinga lami kodwa inhliziyo yami ayisona isithiyo.”
Lo mdlali wase-Denmark uzoba ngumdlali wokuqala ngqa ukudlala ne-ICD kwi-Premier League.
Umqeqeshi we-Brentford, uThomas Frank, owaqeqesha u-Eriksen ezingeni lababeminyaka engaphansi kwengu-17 ukholelwa ukuthi usesezingeni eliphezulu.
Uthe banikezwa ithuba lokuletha umdlali osezingeni eliphezulu kwi-Brentford.
“Usenezinyanga eziyisikhombisa engazilolongi neqembu kodwa wenze umsebenzi omkhulu eyedwa. Ngokusemandleni akhe, uChristian unekhono,” kusho uFrank.
“Usesimweni esihle, kodwa sizodinga ukuthi simthole esesimweni esifanele sokudlala. Ngikulindele ngabomvu ukumbona esebenzisana nabanye abadlali nabasebenzi ukuze abuyele ezingeni lakhe eliphezulu.”
I-Brentford izovakashela e-Merseyside emdlalweni we-FA Cup ne-Everton kule mpelasonto ngaphambi kokubhekana nompetha i-Manchester City koweligi ngoLwesithathu oluzayo.
Umthombo wesithombe: @ESPN