U-Emtee ubukisa ngezingane zakhe kwividiyo yomculo engomeni ethi-“Logan”

Sizwe Sibiya

Yini engakhuthaza ukwedlula ubaba osebenzela umndeni wakhe – njengoba u-Emtee ethula lokho ngevidiyo yakhe yomculo yengoma ethi-“Logan” ekhishwe ezinsukwini ezinhlanu ezedlule.

Ingoma ivela kwi-albhamu yakhe yesine  ekhishwe ngoMbasa.

Kule vidiyo, u-Emtee, ogama lakhe langempela nguMthembeni Ndevu, manje osayine ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha, i-Emtee Records, uhlonipha indodana yakhe encane, uLogan, ozalwa mhla ziyi-17 kuMandulo.

Le ngoma ebukwe cishe ngabantu ababalelwa kwabayizi-200 000 ku-YouTube ibuye yavela kule albhamu esihloko sithi-Logan.

Le vidiyo emayelana nokusebenzela izingane zakhe, iqondiswe nguKabelo Sebake.

Akukhona okokuqala u-Emtee eqamba i-albhamu nengoma ngengane yakhe. I-albhamu yakhe yokuqala yowezi-2015 i-Avery, ekhishwe ngaphansi kwe-Ambitiouz Entertainment, yaqanjwa ngegama lendodana yakhe yokuqala futhi yaqinisekiswa nge-platinum yi-RISA ngowezi-2016.

Umthombo wevidiyo: i-YouTube

Izihloko zakamuva