Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ugculisekile ngokuthi amantombazane akhe awaphathekile kabi ngemuva kokuhlulwa ngamagoli amahlanu eqandeni i-Denmark kwaphushela i-England emaphethelweni njengoba beqede uhambo lwabo lwase-Europe.
NgoLwesibili, iNingizimu Afrika iguqiswe ngamagoli amabili kwelilodwa i-England engompetha base-Europe emdlalweni wobungani wamazwe ngamazwe e-Coventry.
Kube ngcono ngemuva kokuhlulwa kwangoLwesihlanu ngamagoli ayihlanu i-Denmark, futhi u-Ellis ujabule ukuthi amantombazane akhe athole izifundo kulokho kuhlulwa okunzima.
“Ziningi izinto esingazenzanga kahle emdlalweni ne-Denmark esizilungisile sibhekene ne-England,” kusho u-Ellis etshela abezindaba zeSafa.
“Besihleleke kahle kwezokuvikela futhi sikholwa ukuthi sakhe inqwaba yamathuba.”
I-England inqobe ngamagoli amabili eqandeni esiwombeni sokuqala, ithembisa ukuthi izothela iBanyana ngehlazo lamagoli kodwa ompetha base-Afrika bayenze yajuluka yaba manzi te ngesiwombe sesibili.
Eqenjini eliqale ngokudlala ne-Denmark, iBanyana yenze izinguquko ezine okubalwa kuzona uLinda Motlhalo, uHilda Magaia noThembi Kgatlana oshaye igoli.
Isikimu esiqinile sicishe senza umdlalo waphela ngokulingana.
“Lo mdlalo ubungahamba noma ngayiphi indlela, futhi siyaziqhenya kakhulu ngabadlali bethu ngoba bafane ne-England,” kusho u-Ellis.
IBanyana idlala nezimbangi ezisezingeni eliphezulu njengoba ilungiselela i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ka-2025.
“Yebo, sinezindawo okumele sisebenze kuzo, futhi lokho sikwenza ngokudlala imidlalo efana nalena emibili ne-England ne-Denmark.”
Amalungiselelo e-Wafcon ayaqhubeka ekupheleni kukaLwezi nasekuqaleni kukaZibandlela, lapho iBanyana Banyana ibhekisa amabombo e-Caribbean emidlalweni ne-Jamaica.