U-Eliud Kipchoge uqinisa ifa lakhe kuma-Olimpiki

Dylan Bettencourt

Mhlawumbe lona bekungumjaho, ukugijima ezimeni ezinzima kakhulu, okuzokwenza u-Eliud Kipchoge wase-Kenya athole isicoco sokuba ngumsubathi webanga elide kunabo bonke.

UKipchoge uqede umjaho ngesikhathi esingu-2:08.38, eqa umugqa emamatheka ebusweni. Ngemuva kokunqoba kwakhe indondo yegolide, uthe: “Ngicabanga ukuthi ngigcwalise ifa ngokunqoba umjaho okwesibili kulandelana”.

Abaningi babebuza ukuthi ngabe uKipchoge usenamandla okuwina imijaho yini ngemuva kokuhlulwa kwi-London Marathon, kodwa waveza ukuthi abamungabazayo banephutha ngokunqoba kwakhe kanzima.

Izimo zikhombise ukuba nzima, ukuqala ngo-7 ekuseni ngamazinga okushisa asevele eku-27 degrees celsius no-73% womswakama, okuphoqe abasubathi ukuthi bancintisane nezikhwama zeqhwa ezandleni zabo ukuze bazipholise.

Kubasubathi abayi-116, bangama-86 kuphela abafinyelele ekugcineni njengoba kuabasubathi abaningi behlulekile ngenxa yezimo ezithile.

UKipchoge uthe: “I-Marathon ifana nempilo futhi empilweni kunezinselelo eziningi. I-London ibe ngenye yezinselelo. Bathi uma uthanda ezemidlalo uyakwamukela okwenzekile. Ngakwamukela okwenzeka e-London. Ngiqhubekela phambili”.

Ukunqoba kwakhe e-Tokyo kumenza umsubathi wesithathu ukuvikela isicoco sakhe se-marathon futhi kube ngokokuqala kusukela ngowe-1976 ukuthi umsubathi akuthole lokhu.

Lo msubathi oneminyaka engama-36 ubudala wathola indondo yakhe yokuqala yama-Olimpiki ngowezi-2004, kwathi eminyakeni eyi-17 kamuva waqhubeka nokukhonya emjahweni wokugijima emhlabeni jikelele.

Izinsuku zokuncintisana zikaKipchoge manje sezisondele ekupheleni, futhi kuzothatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba umhlaba ubone omunye umsubathi onjengaye.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva