Celani Sikhakhane
U-Edward Zuma, oyindodana yowayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, useveze ukuthi ngokwazi komndeni, ubaba wakhe ungumqemane futhi uphila saka ngokomqondo ukuba nguMengameli.
Engxoxweni eqoshiwe esabalala ezinkundleni zokuxhumana, u-Edward Zuma uzwakala ethi: “Ngokwengqondo ubaba wami uphilile futhi ukulungele ukuba nguMengameli. Uyaphila nasemzimbeni njengomdlali webhola lezinyawo”.
UZuma udedelwe ngoshwele wezokwelashwa, ngemuva kokuhlinzwa nokuchitha amasonto esibhedlela.
Ukunikezwa kwakhe ushwele wezokwelashwa kudale umsindo, kubalwa neHelen Suzman Foundation ebhale incwadi ifuna ukuthi uKhomishani wezokuHlunyeleliswa kweziMilo Kuzwelonke, u-Arthur Fraser akhiphe imininingwane yezokwelapha eyimbangela enkulu yokudedelwa kukaZuma ngoshwele.
INhlangano ikhathazekile ngokuthi uZuma udedelwe ngoshwele ngaphandle kwemvume ye-Medical Parole Advisory Board.
I-DA ne-Afriforum balibangise ezinkantolo ngalolu daba.
UFraser uveze ngoLwesithathu ebusuku ukuthi uthathe isinqumo yedwa sokudedela uZuma ngoshwele.
IJG Zuma Foundation nethimba layo labammeli basola umshushisi woMbuso uBilly Downer ngokunika abezindaba incwadi kadokotela kaZuma.
Okhulumela iNhlangano, uMzwanele Manyi uthe ithimba labammeli libhalele uMengameli uCyril Ramaphosa incwadi yokufaka isikhalazo ngoDowner.
UZuma ufuna ukuthi uDowner asuswe ecaleni lokuthengwa kwezikhali.