U-Eden Hazard uzobhekana neqembu lakhe langaphambilini, iChelsea

Menzi Magubane

Njengoba izinxushunxushu ze-European Super League seziphelile, sekuyisikhathi sokuthi i-UEFA Champions League iqhubeke lapho igcine khona, futhi ithathe indawo yayo efanele.

NgoLwesibili iReal Madrid izokwamukela iChelsea e-Estadio Alfredo Di Stefano, e-Madrid ngehora le-9 ebusuku kowandulela owamanqamu wokuqala walo mqhudelwano wale sizini.

Onke amehlo azobe ebheke ku-Eden Hazard, osebuyile enkundleni kulandela ukulimala okudale ukuthi aphuthelwe isikhathi esingaphezu kwenyanga semidlalo yeLos Blancos. Lo mdlali uzobhekana neqembu lakhe langaphambilini iChelsea.

Lo kaputeni waseBelgium usebekezelele isikhathi esinzima nesikhungathekisayo selokhu ejoyine iMadrid ekuqaleni kwesizini edlule, ngenxa yokulimala okuqhubekayo okumvimbela ukuthi akhombise ifomu yakhe enhle. Lokhu sekungemuva kwakhe njengoba isifiso sakhe sokubhekana neChelsea sizofezeka kungekudala.

Ngowe-2019, uHazard wathi angathanda ukubhekana neChelsea kwi-Champions League ngelinye ilanga.

“Ngiyafisa ukuthi siqhathwe ndawonye kwi-Champions League nakuwo wonke amasizini ukuze sikwazi ukuhlangana futhi,” kusho yena.

Ekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zilahle amaphuzu embangweni wesicoco se-La Liga, umqeqeshi wakhe uZinedine Zidane ukhiphe isinqumo esihle ngokudlala kuka-Hazard imizuzu eyi-15 ngoMgqibelo futhi waveza izinhlelo zakhe ngalo mdlali oneminyaka engama-30.

“Ngikuthandile ukudlala kukaHazard. Angaba ngumdlali obaluleke kakhulu kithina, engaba wusizo olukhulu kithina,” kusho uZidane kwi-Football Espana.

Khonamanjalo, umeluleki weBlues uThomas Tuchel, utshele iqembu lakhe elincane ukuthi lamukele amava okubhekana neLos Blancos.

Lona kuzoba umdlalo wokuqala weChelsea owandulela owamanqamu emqhudelwaneni we-elite wase-Europe kusukela ngowe-2014. Baphinde babe nesikwati esigcwele abadlali abasha abasayinile kanye nabadlali bezemfundo abangakaze bafike kulesi sigaba.

“Kuyinselelo enkulu futhi ngemuva kwayo, sizobe sihlakaniphile futhi singcono. Lokhu kuzoba yinto enhle kakhulu ngokubambisana. Sijabule kakhulu ukufika kuleli zinga. Lokhu yikhona esasikuphupha sisengabafana abancane, ukudlala imidlalo yaphesheya nokudlalela emaqembu aphezulu sikwazi ukubhekana neReal Madrid,” kusho uTuchel.

Isithombe: @brfootball

Izihloko zakamuva