U-Eben umile kwakushilo ngama-Irish

Umdlali wamaBhokobhoko u-Eben Etzebeth akazisoli ngokuphawula kwakhe ngokuthi abadlali be-Ireland babezethemba kakhulu ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.

Engxoxweni kaJim Hamilton yeRugby Podcast, u-Etzebeth uthe abanye abadlali base-Ireland bathi sohlangana kumaBhokobhoko kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ngemuva komdlalo wabo we-pool stage e-Paris.

Ireland ishaye iNingizimu Afrika ngo-13-8 kulowo mdlalo ngoMandulo, okuwukunqoba kwayo okwesithathu kulandelana idlala namaBoks.

Ukuhlulwa kuphushe iNingizimu Afrika ku-quarter-final enzima ibhekene ne-France eyayisingathe imidlalo, banqoba ngo 29-28, kwathi i-Ireland yashaywa i-New Zealand ngo-28-24.

“Abangu-12 kwabangu-23, ngesikhathi ngibaxhawula, bathi kimi: ‘Sizobonana kowamanqamu’,” kusho u-Etzebeth ku-podcast.

“Umcabango wami ngokushesha kwaba ukuthi: ‘Ingabe laba abacabangi ngempela ngama-All Blacks ku-quarter-final yeNdebe yoMhlaba uma bedlala nawo?’

Ngaphandle kokugxekwa abezindaba base-Ireland, u-Etzebeth umile kwakushilo. “Ngishilo engikushilo.”

“Kwakungebona abadlali abangaphansi kwabayisithupha noma abayisikhombisa, kodwa bebengeqile kwabangu-20. Mhlawumbe leyo bekuyindlela yabo yokusho ukuthi siyiqembu elizimisele, futhi kungenzeka sidlulele kowamanqamu. Kuhunyushwe ngaphandle kwengqikithi.”

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uthe esithangamini sabezindaba sokumemezelwa kweqembu into ebalulekile njengamanje ukuthi iqembu ligxile emidlalweni ezayo, hhayi ukuphawula okudlule.

Luhlanganiswe ngimbhali we-stuff

Osesithombeni esingenhla: U-Eben Etzebeth.

Umthombo: Springboks/X

Izihloko zakamuva