U-Azinga Fuzile uhlulekile ukunqobela uMzansi isicoco somhlaba sesibhakela

Linda Ximba

Kungahle kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi iNingizimu Afrika ikhiqize omunye ozobamba iqhaza emqhudelwaneni wesibhakela osemthethweni womhlaba. NgoMgqibelo u-Azinga Fuzile uhlulekile ukunqoba isicoco se-IBF junior lightweight ebesingenamuntu ebhekene noKenichi Ogawa e-Madison Square Garden.

U-Ogawa ushaye isibhakela ngesandla sokudla ngomzuliswano wesihlanu okwenze uFuzile wagingqikela ezintanjeni. OwaseNingizimu Afrika ekuqaleni ubebambelele entanjeni ukuze azigcine eqondile, kodwa wanquma ukuwa ngedolo ngesikhathi u-Ogawa esondela kuye.

UFuzile uwe kabili emzuliswaneni wokugcina we-12, ngemuva kokugingqwa isibhakela esinzima ebesivela esandleni sokudla.

UFuzile uhlulwe ngesinqumo okuvunyelwane ngaso ngazwi linye – amajaji akhipha umphumela wempi ngo-115-110 no 114-111 evuna umshayisibhakela wase-Japan oneminyaka engama-33 ubudala.

Lo mshayisibhakela waseNingizimu Afrika uqede impi esopha emakhaleni, njengoba bobabili abashayisibhakela bejikijele konke abebenakho.

UMshayisibhakela waseNingizimu Afrika ubengamkhipha u-Ogawa ngomzuliswano wesithathu, kodwa imbangi yakhe ibizimisele ngokuphuma phambili. UFuzile uhlulwe ngemuva kokuhluleka ukushaya izibhakela ezanele kanye nezinhlanganisela ngenkathi imbangi yakhe ivaleleke ekhoneni. Futhi, ukungavikeli isilevu sakhe yiyona into enze ukuthi ahlulwe.

Abaqeqeshi bakhe uChief Njekanye kanye nemenenja eyawina imiklomelo uCollin Nathan kumele babuyele esicongweni kulandela ukuhlulwa.

UFuzile ubefuna ukuba ngumshayisibhakela wesihlanu waseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco se-IBF junior-lightweight – elandela uBrian Mitchell, uCassius Baloyi, uMalcolm Klassen kanye noMzonke Fana.

Selokhu uZolani Tete ahlulwa kusicoco se-WBO bantamweight ngowezi-2019, kwathi uMoruti Mthalane walahlekelwa isicoco se-IBF flyweight ekuqaleni kwalo nyaka, iNingizimu Afrika ayinaye umpetha ophethe isicoco somhlaba kusukela ku-WBO, i-WBC noma i-WBA.

Umthombo wesithombe: @BadLeftHook

Izihloko zakamuva