U-Ayanda Ntanzi ufuna ukugcwalisa iMoses Mabhida eyahlula omunye umculi woKholo waze waquleka

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umculi woKholo ongaconsi phansi u-Ayanda Ntanzi ufuna ukuvala umkhokha wabaculi be-Gospel abahluleka ukugcwalisa inkundla iMoses Mabhida njengoba omunye agcina ngokuquleka inkundla ingagcwali.

Lokhu kulandela ukuthi lo mculi esememezele ukuthi uzoba nendumezulu yedili lomculo eMoses Mabhida ngomhlaka-12 kuNtulikazi kuwona lo nyaka wokuyigcwalisa ngemuva kokuba ngonyaka owedlule egcwalise phama Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

UNksz Sane Mbambo we-Royal Priest uthe amathikithi aqale ukudayiswa ngosuku lokuzalwa kukaNtanzi ngoLwesibili lomhlaka-11 phakathi kwamabili kanti abehamba okwamakhekhe ashisayo.

“Zonke izinhlelo ziseqophelweni eliphezulu ukuba uNtazi agcwalise iMabhida. Sikhuluma manje kuthe kuvulwa ithuba lokuthengwa kwamathikithi ayeqala egijima abantu bewathenga ubuthaphuthaphu. Ngaleso sikhathi amanani okuwathenga abesephansi njengengxenye yokugubha usuku lokuzalwa kwalo mculi kodwa njengoba isonto liqhubeka abuyela emananini ajwayelekile,,” kusho uNksz Mbambo.

Umculi osavunyiwe ngokugcwalisa iMoses Mabhida kuseyinkakha kaMaskandi uKhuzani Ndlamlenze Mpungose.

Ngo-2015 umculi woKholo u-Andile kaMajola wehluleka waze waquleka ebona inkundla ingagcwali ekubeni ayememezele wenza nezindumezulu zemicimbi zokugcwalisa le nkundla kodwa wehluleka.

Waze wayolaliswa esibhedlela ngenxa yokhwantalala.

Unksz Mbambo uthe ngeminye imininingwane abantu bangashayela inkampani i-Royal Priest ku- 066 239 0803.

Uthe kule nombolo bazokwazi nokuthola kabanzi ngamanye amathikithi azobe ehambisana nemihlomulo eyahlukahlukene.

Izihloko zakamuva