Lubhalwe nguRazeen Gutta
UMikel Arteta ukhulume ngamathuba okusuka e-North London ngemuva kwemibiko yokuthi umphathi we-Arsenal ubambe izingxoxo ne-PSG njengoba iqembu lase-France lifuna ozongena esikhundleni sikaChristophe Galtier.
Ngemuva kwesizini ebinesiphithiphithi lapho i-Arsenal ebidudulana khona ne-Manchester City embangweni wesicoco se-Premier League, lo mqeqeshi wase-Spain usezakhele igama njengomunye wabaqeqeshi abasebancane abahamba phambili e-Europe.
Futhi manje kunemibiko yokuthi ukhulume nompetha be-Ligue 1 abavele ekuqaleni kwale nyanga njengobakuphendule u-Arteta.
Engxoxweni abe nayo nephephandaba lase-Spain i-Marca lo mqeqeshi (41) uthe ujabulile ku-Arsenal kodwa wengeze ngokuthi kusengenzeka abuyele ku-Barcelona ngelinye ilanga.
“Ngingasho nje ukuthi ngijabule ku-Arsenal. Ngizizwa ngithandwa, ngaziswa abaphathi bethu uStan noJosh futhi kuningi okumele ngikwenze kuleli qembu. Ngijabule futhi ngibonga kakhulu ngokuba ku-Arsenal,” esho.
“I-Spain siyizwe lami. Sengihambe iminyaka eminingi futhi ngesinye isikhathi kungaba inketho yokubuyela kwiligi ngibe nesipiliyoni esengeziwe. Kodwa okwamanje ngisase ku-Arsenal.”
U-Arteta uphinde wathinta amathemba e-Arsenal ngesizini ezayo ezwakalisa ukukholelwa ethembeni lokuba komunye umjaho wesicoco ngesikhathi ebuzwa ukuthi bangayiwina yini iligi ngonyaka ozayo.
“Ukube akunjalo ngabe angihlezi lapha. Lokho kuyisifiso sethu. Siyabazi ubunzima. Iyiligi ehamba phambili emhlabeni futhi isizini ezayo izoba nzima kakhulu emlandweni we-Premier League ngoba nanyakenye ibivele inzima.”
“Ngineminyaka engu-22 ngilapha futhi angikaze ngilibone izinga elifana naleli. Ifomu enhle, inhlangano enhle, izinsiza eziningi, abaqeqeshi abenza kahle kanye nokuthi manje sekufike uPochettino no-Iraola.”
“Lelo izinga elihle futhi ukuze uwine i-Premier League kumele ube sefomini enhle kakhulu. Yingakho kufanele kuqiniswe isikwati.”
Esithombeni esingenhla: UMikel Arteta
Umthombo wesithombe: @fabrizioromano