Menzi Magubane
Owayengumqeqeshi we-Arsenal, u-Arsene Wenger uvumelana nesinqumo se-World Football Governing Body sokuhlela ukusingathwa kweNdebe Yomhlaba njalo ngemuva kweminyaka emibili.
Njengamanje lo mqhudelwano usingathwa njalo ngemuva kweminyaka emine.
“Ngangihlale nginomuzwa wokuthi amakhefu amafushane awahambisani kahle nabadlali,” kusho uWenger etshela iphephandaba laseJalimane i-Kicker.
“Lezo kwakuyizikhathi zokungaqiniseki. Ukuthi abadlali bazizwa kanjani ngokomqondo ngemuva kwalokho? Ngabe uzobuya ulimele?”
I-FIFA icabanga ukwenza iNdebe Yomhlaba ibe umcimbi osingathwa (njalo ngemuva kweminyaka emibili). Lokho kuzobathokozisa abasakazi, kodwa kuphikiswe ngamaligi namaqembu ngenxa yovalo ngokutubeka kwabadlali.
Kodwa-ke, uWenger manje oseyinhloko yezentuthuko yebhola lomhlaba ku-FIFA, uthe ukuvuselelwa kwekhalenda lebhola lomhlaba jikelele kuzosiza impilo yabadlali.
“Amaqembu esizwe angahlangana ngoMfumfu, adlale imidlalo eyisikhombisa yokuhlunga inyanga eyodwa bese edlala owamanqamu womqhudelwano ngoNhlangulana.
“Sifuna ukunciphisa isibalo semidlalo, lokho kubaluleke kakhulu ngoba siyasibona isimo sabadlali.”
NgoNdasa, umengameli we-FIFA uGianni Infantino wathi uzokwamukela noma yimiphi imibono emisha yekhalenda lebhola elizayo langowezi-2024, okufaka phakathi nethuba lokunciphisa inani lamakhefu okudlalela phesheya.
“Imidlalo eminingi yomqhudelwano, bese kuba imidlalo embalwa yokuhlunga. Yilokho abalandeli abakufunayo. Icabange ngale ndlela lento: ngowezi-2026 iNdebe Yomhlaba izobe iseMelika, e-Mexico nase-Canada. Ngowezi-2027 i-European Championship neminye imiqhudelwano yezwekazi. Bese kuthi ngowezi-2028 enye iNdebe yoMhlaba njalonjalo. Siyaqinisekisa ukuthi isikhathi sokuphumula ngemuva kwayo yonke imiqhudelwano sizoba khona,” kwengeza lo mlisa wase-France.
INdebe yoMhlaba ese-Qatar ngonyaka wezi-2022 izobona izwe lakubo kaWenger, i-France, libuya ukuzovikela isicoco abasinqobe ngowezi-2018 ngemuva kokushaya i-Croatia kowamanqamu.
I-France njengamanje ihamba phambili ku-Group D ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni yokuhlunga.
Umthombo wesithombe: @arsenal