U-Anele Zondo usememezele ukuthi ukhulelwe ingane yokuqala

Lubhalwe nguRorisang Modiba

U-Anele Zondo owaziwa ngelikaNey the Bae umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukhulelwe ingane yakhe yokuqala.

“Nginikeza ukuphila ezintweni ezimbili engizithandayo. Okokuqala, isibusiso esikhulu nesingcono kakhulu umculo kanye nomphefumulo wokuntu. Ngiyabonga kakhulu,” kubhala yena.

U-Anele usanda kukhipha i-EP yakhe yakamuva ethi ‘Vuka’.

“Ngibeke konke ukuphila kwami, amandla, nobumina kwi-‘Vuka’ EP yami kanye nomculo wami. Akukhona nje ngamagama kodwa nomuzwa wokwazi ngezinto,” ubhale kanje.
I-EP ihlanganisa ukusebenzisana nabaculi abadumile, okuhlanganisa noMalegra Doe Boy.

Kuhlanganisa izingoma ezifana no’Simon Says’, ‘Kuningi’, ‘Deadly’, kanye ne-‘Instagram’.

Ngasekuqaleni konyaka, u-Anele waphika ukuthi ujola nosomabhizinisi ophinde abe ngumsunguli weGunguluza Enterprises and Media, uLebo Gunguluza, osanda kuhlukanisa nesihlabani se-The Real Housewives of Johannesburg, uLebo Mokoena, kubika imagazini iBona.

U-Anele akazange adalule ukuthi ubani ubaba wengane.

Osesithombeni esingenhla: U-Anele Zondo.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva