U-Andries uthutha abafundi ngebhayisikili 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ehlome ngebhayisikili kuphela, u-Andries Matlou, ohlala emijondolo yase-Greenfield e-Hammanskraal uyaqinisekisa ukuthi abafundi endaweni yangakubo abaphuthelwa isikole.

Njalo ekuseni kusukela ngehora lesithupha, lo nogada oneminyaka engu-44 ubudala ongasebenzi ugibela amabhayisikili aye esigodini sase-Sekampaneng nase-Kanana ethwele abafundi ababili ngesikhathi kanti uqala ngalabo abafunda umatikuletsheni abafunda ekuseni kakhulu.

U-Andries, owaphelelwa wumsebenzi ngo-2020, utshele i-Scroll.Africa ukuthi waqala ukuthutha abafundi ngebhayisikili lakhe ebayisa esikoleni ngo-2023 ngemuva kokubona abanye babo bengayi esikoleni ngezinsuku zemvula nabanye bewela umfudlana owawuchichima.

“Ekuqaleni, siyiqembu labahlali sasivuka ekuseni kakhulu ukuze sisize abafundi bawele umfudlana owawuchichima nantambama ngangishiya ibhizinisi lami le-atchar ngiyosiza ukubawelisa umgwaqo omkhulu ophithizelayo.

 “Ngangivolontiya ngoba ngangingafuni ukuthi izingane ziminze noma zishayiswe yizimoto zobe zizama ukuthola imfundo,” usho kanje.

Kamuva u-Andries wanquma ukusebenzisa ibhayisikili lakhe ukuthutha abafundi ukuya nokubuya ezikoleni ezikude kakhulu.

“Ukuhlala emijondolo kuza nezinselelo eziningi, ikakhulukazi ukulethwa kwezidingo kubantu. Izingane zethu ziphoqeleka ukuthi zihambe amabanga amade uma ziya esikoleni, kanti noMnyango wezeMfundo awukazabeli izingane zethu ezokuthutha.

“Ngebhayisikili lami, ngiyaqinisekisa ukuthi bafika ngesikhathi esikoleni futhi benomdlandla ukuze bagxile ezifundweni,” usho kanje.

U-Andries uthe uthola iminikelo kubazali ngemizamo yakhe futhi imali ibhekela ukunakekela ibhayisikili lakhe ukuze aqinisekise ukuthi lisesimweni esihle ukuthutha abafundi.

Isifiso sakhe wukubona indawo yangakubo ithuthukiswa ngezinsiza ezisezingeni, okubalwa kuzo ezokuthutha izingane ezifunda isikole.

“Njengazo zonke izakhamuzi zakuleli zisifanele izinsiza futhi izingane zethu zifanelwe ukufunda zinomdandla ngaphandle kokukhathala lungakaqali nosuku,” esho.

Osesithombeni esingenhla: U-Andries Matlou emamatheka nabagibeli bakhe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva