Lubhalwe nguRazeen Gutta
- URuben Amorim, ufike kwi-Manchester ukuyoqala njengomqeqeshi oyinhloko, ulindele ukugunyazwa kwe-visa yakhe, ebambezela ukuthi aqale umsebenzi wakhe.
- Njengoba abadlali besemsebenzini wamazwe ngamazwe, isikwati esiphelele sika-Amorim sizohlangana ngoLwesine oluzayo, ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komdlalo wakhe wokuqala ne-Ipswich Town.
URuben Amorim uzoqala ngokusemthethweni isikhundla sakhe njengomqeqeshi we-Manchester United kuleli sonto, kodwa lo mqeqeshi wase-Portugal akakayitholi i-visa yokusebenza kuleliyazwe.
Lo mqeqeshi (39), ufike e-Manchester ngoMsombuluko, kodwa akucaci kahle ukuthi yimiphi imisebenzi azokwazi ukuyenza kuze kuphothulwe ukucutshungulwa kwe-visa yakhe.
U-Amorim ngeke nakanjani akwazi ukuthatha iseshini yokuqala yokuqeqesha. Kodwa-ke, izikhulu zeqembu zikholelwa ekutheni i-visa yakhe izokhishwa maduze.
Okwamanje abadlali abaningi be-United abekho njengoba besemsebenzini wamazwe ngamazwe, kanti banciphisa ikhono lomqeqeshi omusha lokusebenza neqembu eligcwele – noma hhayi ngokushesha.
Abadlali kulindeleke ukuthi bahlangane ngoLwesine oluzayo, ezinsukwini ezintathu ngaphambi komdlalo wokuqala ka-Amorim bebhekene ne-Ipswich Town.
Owayengumphathi we-Sporting ushiye abaqashi bakhe bakudala ngesitayela, esiza iqembu lase-Portugal ukuthi linqobe ngo 4-2 e-Braga, njengoba libuye ngo 2-0 ngesikhathi sekhefu.
Ngemuva kokunqoba amahlandla angu-11 kulandelana kwiligi kule sizini, u-Amorim ukholelwa ekutheni manje useyilungele inselelo entsha.
“Kuzoba nzima; angifuni ukuzikhohlisa,” etshela izintatheli ngeSonto.
“Ngizizwa ngiyilungele inselelo entsha. Anginalwazi – ngiyazi ukuthi kuzohluka kakhulu, kube nzima kakhulu. Nginokuthula manje, sengingagxila emsebenzini wami omusha futhi ngikubheke ngabomvu ukuqala kusasa.”
Esithombeni esingenhla: URuben Amorim
Umthombo wesithombe: @fabrizioromano
