Doreen Mokgolo
U-Amogelang Kgonyane oneminyaka eyisithupha ubebala izinsuku zokuba abuyele esikoleni. Kodwa esikhundleni sokuyiswa esikoleni ngoMsombuluko ekuseni, le intombazanyana yabulawa.
Ingane yase-Dunnottar, e-Springs ayilitholanga ithuba lokuyobona abangani bayo basesikoleni ngemuva kokudlwengulwa nokubulawa kwayo, okusolwa ukuthi yindoda eyayithenjiwe ngempilo yayo.
Umama wakhe uPakiso Kgonyane kubikwa ukuthi ucele isoka lakhe ebelihlala naye ukuthi liphelezele lo mfundi webanga lokuqala ukuya esikoleni ngenkathi yena ephuma eya emsebenzini ekuseni ngomsombuluko.
Kodwa-ke uPakiso, osebenza buqamama nasekhaya, uthole ucingo oluvela esikoleni lubuza ukuthi indodakazi yakhe ikuphi.
Ngokushesha waphuthuma ekhaya. Uthole isoka lakhe emgwaqweni, lamutshela ukuthi u-Amogelang uyagula futhi ulele.
“Ngesikhathi ngifika ekhaya, u-Amogelang wayesembhedeni embethe izingubo zokulala. Kodwa wayengaphefumuli. Ngokushesha ngacela umakhelwane ukuthi asiphelezele siye emtholampilo wendawo lapho okuqinisekiswe khona ukuthi ushonile,” esho.
Lo mama okhathazekile uthe odokotela bathole ukuthi isidumbu sika-Amogelang besigcwele imihuzuko nokulimala ekhanda, nokusikisela ukuthi wahlaselwa.
Isoka likaPakiso lexoxe nodokotela, kodwa alikwazanga ukuchaza ukuthi ingane ikuthole kanjani ukulimala ngesikhathi inakekelwe nguye.
Ngemuva kokuhlolwa okwengeziwe kwezokwelapha, kutholakale ukuthi ingane inukubezwe ngokocansi. Abasebenzi basemtholampilo babize amaphoyisa.
“Indodakazi yami ibiphilile futhi ijabule ngokubuyela esikoleni manje ayisekho. Angikaze ngisole ukuthi lo muntu engangimthanda uzolimaza indodakazi yami, njengoba ayeyiphatha njengengane yakhe,” kusho uPakiso.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSeargant Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe futhi ubhekene namacala okudlwengula nokubulala.
“Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Nigel kungekudala,” esho.