U-AKA uthatha izinyathelo zomthetho ukumisa uhlelo lwe-The Braai Show with Cass

Sizwe Sibiya

UMrepha uAKA uthumele “incwadi yesaziso enelungelo lokushicilela nelungelo lobunikazi” ku-Cake Media nakwa-SABC efuna ukuba bahoxise ukukhonjiswa kwe-The Braai Show with Cass.

U-AKA, ogama lakhe langempela nguKeirnan Forbes, ubengumphathi wohlelo kwisizini edlule. Kodwa i-bordascaster imemezele ngempelasonto edlule ukuthi uzothathelwa indawo ngumrepha oyimbangi yakhe uCassper Nyovest.

U-AKA ungumnikazi wohlelo ngo-50% kanti ubalwa njengomdidiyeli omkhulu, kusho ithimba lakhe labammeli i-TailorMade Legal Solutions ngoMsombuluko. Ngakho-ke unelungelo lokuba nezwi lokuthi ngubani ozongena esikhundleni sakhe ngesizini yesibili, besho.

Lolu hlelo luhlelelwe ukukhonjiswa kusukela ngoLwesithathu, ngomhla ziyisishiyagalombili kuMandulo, ku-SABC 1.

“Le ncwadi isebenza njengesaziso esibhalwe phansi esisemthethweni seklayenti yethu (u-AKA) sokuthi le ngxabano ilanyulwe,” kubhala i-TailorMade Legal Solutions ibhalela abakwa-SABC ngoLwesithathu.

“Siyaneluleka ngokuthi, ukwehluleka ukuphendula ngalokhu ngaphambi kokuphela kwamahora angama-48 kuzoshiya iklayenti lethu lingenayo enye indlela ngaphandle kokuthola usizo lwesikhashana,” kusongela ithimba labammeli.

Lokhu kusho ukuthi uma i-SABC ikhetha ukungayinaki le ncwadi iqhubeka nokusakaza uhlelo ne-Cake Media, u-AKA uzofaka isicelo senkantolo sokuthi aphoqe i-SABC ukuthi imbuyisele esikhundleni njengomphathi wohlelo kuze kuxazululwe impikiswano.

Izihloko zakamuva