U-AKA uqinisekisa izinhlelo zomshado nge-emoji

Dylan Bettencourt

U-AKA ongumrepha kanye nophrojusa kubukeka sengathi ukuqinisekisile ukukhokhwa kwelobolo lengoduso yakhe uNelli Tembe ngomyalezo ku-Instagram oveza i-emoji yenkomo nenhliziyo.

U-AKA – ogama lakhe langempela nguKiernan Forbes – ube ngudabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi efaka isithombe sendandatho yedayimane eveze ukuthi intombi yakhe eneminyaka engama-21 isivumile isicelo sakhe somshado.

Ngemuva kwenyanga lo mrepha usekhokhe amalobolo njengoba lezi zithandani seziqala ukuhlela umshado wazo ozoba indumezulu eNingizimu Afrika.

Lezi zithandani zaqala uhambo lwazo oluya emshadweni cishe ngonyaka owedlule ngoNhlaba kowe-2020. Lo mrepha oneminyaka engama-33 ubudala wakuqinisekisa ukuthi uthandana nomuntu ongeyena usaziwayo nokuthi uyithokozela yonke imzuzu yokuba nomuntu onempilo eyimfihlo njengoNelli.

UNelli yize ethembisene umshado nomunye wabaculi abadumile ezweni, iphrofayili yakhe ku-Instagram iyimfihlo kanti nabalandeli bayo bangaphansi kwezi-7,000. Abalandeli balezi zithandani bazobe belinde ngokulangazelela ukuthola eminye imininingwane mayelana nomshado.

Umthombo wesithombe: @AKA

Izihloko zakamuva