Sizwe Sibiya
Ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa ingoduso yakhe ishone kabuhlungu, umrepha owathola izindondo u-AKA ugcine ekwazile ukuhlanganisa ingoma ehlonipha u-Anele Tembe.
Ingoma esihloko sithi-“Teats Run Dry” okuyingoma ka-AKA yokuqala selokhu kwashona u-Anele, ikhishwe ngoMsombuluko mhla ziyi-11 kuMfumfu.
Kule ngoma, ecacisa imizwa yalo mrepha, u-AKA ukhiphe imizwa yakhe ngokudlula emhlabeni ngokungalindelekile kuka-Anele ngendlela azi ngayo.
Ikhorasi yengoma ithi-“The first thing on my mind, when I wake up. I cannot feel sunshine ’cause you not by my side,”.
Iphinde iqhubeke ithi-“Nothing else can replace us, tried to break down and cry.
Iphinde ithi-“But all my tears run dry”.
U-AKA uqhubeka nokukhumbula ngendlela uTembe oneminyaka engama-22 ubudala ayejwayele ukumkhumbuza ngayo ukuthi akageze amazinyo ngaphambi kokuthi ayolala, kodwa manje “unovalo lokulala” ngoba ulokhu ebona isithandwa sakhe emaphusheni akhe.
UTembe washona ekuseni mhla ziyi-11 kuMbasa ngemuva kokuwa esitezi seshumi e-Pepper Club Hotel eKapa, lapho lezi zithandani ezazihlezi khona ngemuva kwegigi ka-AKA ngobusuku obudlule.
Lezi zithandani zamemezela ukuthi zizoshada ezinkundleni zokuxhumama ngoNhlolanja ngowezi-2021 ngemuva kokugcina ubudlelwane babo buyimfihlo izinyanga.
Umthombo womsindo: YouTube