U-Advocate Dali Mpofu usejoyine iqembu le-MK

Lubhalwe nguZukile Majova

Iqembu likaJulius Malema, i-Economic Freedom Fighters, liphinde labhekana nenkiyankiya yokusula esikhundleni kuka-Advocate Dali Mpofu.

UMpofu owayengummeli kalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ukuqinisekisile ukuthi ujoyina iqembu likaZuma i-MK.

Ukusuka kwakhe kulandela uhologo lokusula kwamalungu e-EFF ejoyina i-MK Party.

OwayeyiPhini likaMengameli we-EFF, uFloyd Shivambu, uvule amasango ngesikhathi ejoyina i-MK Party okwamenza wathola isikhundla esinamandla sokuba ngumgqugquzeli kazwelonke.

Obizwa ngokuthi “People’s Advocate” Mpofu ushiya kusele inyanga ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

UMpofu utshele i-SABC ukuthi ubona iqembu le-MK kuyilona lodwa elizama ukuhlanganisa abantu abamnyama ngaphansi kophahla olulodwa.

“Ngemuva kwemidlinzo eminingi ebenginayo ngithathe isinqumo sokuthi ngizojoyina i-MK Party. “Ngijoyina i-MK ngoba ngikholwa ukuthi yilona iqembu esizozuza ngalo ubumbano oludingeka kakhulu” u-Adv. Dali Mpofu.

UShivambu osehola uhlaka lokulanda abantu ukuthi bajoyine i-MK, uthe i-MK Party ilona kuphela iqembu eliheha ongoti abaphezulu abamnyama.

Iqembu le-MK limangaze izwe ngesikhathi lithola u-15% wevoti likazwelonke kanye namavoti angaphezu kuka-45% esifundazweni okuyikhaya likaZuma, KwaZulu-Natal.

UMalema uthe ulindele ukuthi baningi abaholi be-EFF abazolandela uShivambu uma bengakhethwanga ezikhundleni eziphezulu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi.

Uveze ukuthi iLungu lePhalamende, uDkt Mbuyiseni Ndlozi nomkakhe beseka uShivambu ngokushiya iqembu le-MK.

UNdlozi ukhonjwa yizinhlaka zentsha ye-EFF njengozoba yiPhini likamengameli weqembu.

Izihloko zakamuva