U-Ace uzobhekana ngqo ne-ANC enkantolo

Lungani Zungu

UNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe, u-Ace Magashule, kuzofanele alinde amanye amasonto amathathu ukuze alwele isikhundla sakhe ngaphakathi eqenjini elibusayo.

Kulindeleke abhekane neqembu lakhe eNkantolo eNkulu yase-South Gauteng mhla zingama-24 kuya mhla zingama-25 kuNhlaba, ukuze kuhoxiswe ukumiswa kwakhe emsebenzini.

UMagashule wafaka iqembu elibusayo enkantolo ngemuva kokumiswa kwakhe ngenyanga edlule, kanye nemali abeyihola izi-R133,000 ngenyanga.

Umelwe uDali Mpofu, empini yakhe yokubuyisa umsebenzi wakhe.

Phambilini uMagashule wayetshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeke ahlehlele emuva ngaphandle kokulwa.

Iphini lakhe uJessie Duarte, owayenguzakwabo osephenduke isitha, uthe kubuhlungu ukuthi uMagashule kumele ehle esikhundleni.

UDuarte utshele izithunywa ze-ANC ebezihambele ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC e-Northern Cape ukuthi usesebenze noMagashule iminyaka engama-42.

UMagashule wenqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa ngabakwa-Scrolla.Africa ngoMsombuluko.

“Udaba lusenkantolo, futhi angifuni ukuphawula ngalolu daba,” esho ngaphambi kokuvala ucingo.

UMagashule wamiswa yi-ANC ngokuhambisana nenqubomgomo yokumiswa eceleni yeqembu, ebhekise kubaholi beqembu ababhekene namacala.

Ubhekene namacala enkohlakalo aphathelene nethenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Abalandeli bakhe basole uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuqhamuka necebo lokubhekana noMagashule ukuthi bamphonse ehlane lezepolitiki.

UMagashule ubonakale ngesonto eledlule edansa futhi ecula ehambisana nomeluleki wakhe wezepolitiki uJacob Zuma ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Lowo owayengumengameli uvele enkantolo mayelana nezinsolo zokufumbathiswa azithola enkampanini yase-France i-Thales.

URamaphosa ubalwa njengozophendula kuqala esikhundleni sakhe njengoMengameli we-ANC.

UMagashule uthi kunabaholi abathile ku-ANC abafuna ukumbona ephansi.

Abalandeli bakaMagashule bebevele befuna ukuthi angenele isikhundla sikamengameli we-ANC ngonyaka ozayo ngoZibandlela lapho iqembu selibambe ingqungquthela yama-55 yokukhetha ubuholi bukazwelonke.

Kodwa-ke ubengakaze anikeze zinkomba zokuthi uzongenela yini isikhundla esiphakeme kunazo zonke ku-ANC.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

Umthombo wesithombe: @Magashule_ace

Izihloko zakamuva