Kabelo Tlhabanelo
Ubengeke avumele ukuqulwa kwecala enkantolo ukuthi kuphazamise umcimbi omuhle uMagashule ogubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngaphandle kweNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein ngemuva kokuvela enkantolo ngamacala enkohlakalo.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwamacala, omunye umlandeli uye wamjabulisa ngenkathi ehla ezitebhisini ezingaphandle ngenjabulo yosuku lokuzalwa.
USotswebhu we-ANC osamisiwe nowayeyimeya kaMasipala we-Maluti-a-Phofung, uVusi Tshabalala, ucele abalandeli bakhe ukuthi baculele uMagashule iculo lokuzalwa ngaphandle kwenkantolo.
Ngesikhathi engaphandle eNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein lapho uMagashule ebevela khona ngamacala enkohlakalo, uTshabalala uzwakale ethi uyobheka ikhekhe lokuzalwa.
UTshabalala, owamiswa kulandela izinsolo zokuthi ubekhankasela elinye iqembu, ukujabulele ukucela umlandeli wakhe, uSamuel Motlohi, ukuthi aculele uMagashule iculo lokuzalwa ngesikhathi emqopha ngomakhalekhukhwini.
UTshabalala ubonge uMotlohi wamtshela ukuthi ividiyo izosabalala.
UMotlohi wase-Turflaagte e-Mangaung utshele i-Scrollla.Africa ukuthi: “Namuhla usuku lokuzalwa lukaNdunankulu wethu u-Ace Magashule. Angiyena umculi ngokuphelele, kodwa ngizizwa ngijabule ngokucelwa ngubaba uTshabalala”.
Ufisele uMagashule inhlanhla ecaleni lakhe.
“Wonke umuntu umsulwa kuze kube wukuthi utholakale enecala,” esho.
Abalelwa kwayi-15 amalungu oMkhonto weSizwe Military Veterans Association (i-MKVA) abonakale ecula ebangeni elingamamitha angama-200 ukusuka ebhilidini lenkantolo.
UMagashule obehlanganisa iminyaka engama-62 ubudala ngoLwesithathu, ubhekene namacala enkohlakalo kanye nokushushumbisa imali ahlobene nenkontileka kahulumeni ye-asbesto yezigidi ezingama-R255.