U-Ace Magashule uthi i-ANC izovela phambi kukaZondo

Lungani Zungu

UNobhala-Jikelele we-ANC u-Ace Magashule uyindoda  ebuye iziphikise kakhulu.

Esikhathini esingaphansi kweviki uzwakalise ukweseka kwakhe ukungahambisani nomthetho kukaJacob Zuma kweNkantolo yoMthethosisekelo.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa izolo ukuthi i-ANC ayiholayo, ayisoze yadelela iKhomishini kaZondo.

“Uma sicelwa ukuthi siye lapho, sizokwenza njalo.

“Asinankinga nokuya kwikhomishini.”

Wenqabile ukuphawula ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uzohola ithimba le-ANC kwikhomishini ngeqhaza lakhe njengonobhala weqembu.

“Lokho akubalulekile, okubalulekile ukuthi sizoziveza kwikhomishini.”

Inkantolo ephakeme kunazo zonke emhlabeni yayalela uZuma ukuba ayofakaza kwiKhomishini Yokulawulwa kombuso kodwa uZuma wathi angamane abhadle ejele kunokuhlonipha lowo mthetho.

NoMagashule utshele abezindaba ukuthi uyaseseka isinqumo sikaZuma.

“Angiboni okukhona okubi akwenzile [uZuma].”

Ngenkathi iPhini leJaji likaMengameli kwikhomishini kaRaymond Zondo igxile kubantu kuze kube manje, ubize iqembu elibusayo manje, elibekwe maphakathi nenkundla yenkohlakalo ngofakazi abambalwa.

NgoLwesine uZondo uthe i-ANC ibisebenzisana nekhomishini yakhe futhi ifake nezincwadi ezifungelwe.

Uthe ufuna i-ANC ichaze ukuthi izigidigidi  zantshontshwa kanjani ngaphansi kweso layo njengeqembu elibusayo ngesikhathi uZuma esenguMengameli kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2018.

UZuma, obizelwe ukuvela phakathi koMsombuluko nangoLwesihlanu kuleli viki, usolwe ngofakazi ngokunika abangani bakhe, umndeni wakwaGupta, ithuba lokuphatha isikhundla sakhe sobuMengameli ngasese.

Isithombe: @SAfmnews

Izihloko zakamuva