U-Ace Magashule uthi akesabi lutho ngoba akukho okubi akwenzile

Lungani Zungu

U-Ace Magashule akakhathazekile njengoba amaphoyisa ebopha bonke abantu abebephehla udlame nobugebengu obahlasela izwe ngesonto eledlule. 

Engxoxweni emfushane, utshela i-Scrolla.Africa ukuthi akesabi lutho.

“Akukho okungikhathazayo. Ngiyazi ukuthi akukho okubi engikwenzile,” kusho yena.

UNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe uthe akazi ukuthi igama lakhe likhona yini ohlwini lwabagqugquzeli abayi-12 abathungathwa ngamaphoyisa.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, uMagashule utshele abalandeli bakaJacob Zuma ngaphandle kwekhaya lowayengumengameli waseNkandla ukuthi kunabantu abafuna ukusabisa abalandeli bakhe ngokumbopha.

“Uzokubona ukwesekwa uMagashule anakho uma umphathi omkhulu uZuma esesitshela okufanele sikwenze,” esho.

Amaphoyisa abophe abantu abahlanu ngokugqugquzela udlame olubulalayo lwangesonto eledlule ngemuva kokuthi uZuma eboshelwe ukungawunaki umyalelo wenkantolo omtshela ukuthi avele kwikhomishini yophenyo yombuso.

Akwaziwa noma igama likaCarl Niehaus likhona yini ohlwini lwabaphenyi bamaphoyisa.

UFikile Mbalula, oyilungu le-ANC National Executive Committee (NEC) nonguNgqongqoshe wezokuThutha, usecele kaningi ukuthi kuboshwe uNiehaus.

UMbalula usole uNiehaus ngokubhebhethekisa lokho akubiza ngodlame lomphakathi ezweni.

UKhumbudzo Ntshavheni, oyibamba likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uthe isibalo sabantu abashonile ngenxa yezinxushunxushu sesinyukele kuma-276.

Laba ngabantu ababoshelwe ukudala udlame:

UNgizwe Mchunu, owayengumsakazi ku-Ukhozi fm

UNhlanhla Henry Nkosi, we-ANC Youth League oThukela

USibusiso Mavuso

UBruce Niemerhout

UClearance Tabane

Amaphoyisa anqabile ukuphawula ngabanye abantu abasohlwini lwabagqugquzeli, athi lokho kuzophazamisa uphenyo oluqhubekayo.

Izihloko zakamuva