Lungani Zungu
UNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe, u-Ace Magashule, usenkingeni neqembu lakhe ngokuphawula akwenzile ngaphandle kwekhaya likaJacob Zuma eNkandla ngeSonto.
UMagashule utshele amalungu e-ANC ukuthi angalaleli abaholi abafuna ukuhlakaza amagatsha noma izifunda zabo.
“Uma behlakaza igatsha noma isifunda sakho, kufanele uqhubeke ube yigatsha kanye nesifunda ngoba nakhethwa ngabantu,” esho.
“Bengabhekana noMengameli uZuma, kodwa akumele banisabise.”
Ukuphawula kwakhe kuphakamise intukuthelo yabaholi be-ANC abambalwa, ngesikhathi kuqhubeka umhlangano woMkhandlu Kazwelonke we-National Executive Committee (NEC) ngoMsombuluko, becela ukuthi abuyiselwe esikhundleni.
UJessie Duarte, iPhini likaNobhala-jikelele we-ANC, utshele abezindaba ngoLwesibili ukuthi i-NEC izohlangana noMagashule mayelana nalolu daba kodwa wangasho ukuthi lokho kuzokwenzeka nini.
UDuarte uthe akazi ukuthi uMagashule uwuthathaphi umqondo wokuthi amagatsha azohlakazwa.
“I-ANC angeke ihlakaze amagatsha,” esho.
UDuarte, owayengumsekeli oqotho kaMagashule noZuma, kubukeka sengathi ubalahlile wajoyina abesekeli bakaMengameli uCyril Ramaphosa.
“I-ANC ibhekene nenqubo yokuvuselela, futhi amagatsha kanye nezifunda eziningi zikhetha abaholi abasha,” kusho uDuarte.
UMagashule unqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa, wathi: “Ngibalindele,” ngaphambi kokuvala ucingo.
UMagashule ubephakathi kwamalungu aphezulu e-ANC athutheleke eNkandla, lapho obekunganakiwe khona imithetho yomvalelo.
Bambalwa ezixukwini abebegqoke izifonyo futhi kuncane kakhulu ukuqhelelana komphakathi okwenzekile. Umthetho wezinga lesine lomvalelo ukuvimba yonke imibuthano ngaphandle kwemingcwabo.
UMagashule wamiswa ngoNhlaba ngemuva kokuthi enqabe ngokuzithandela ukwehla esikhundleni ngokuhambisana nenqubomgomo ye-ANC yokumisa eceleni amalungu abhekene namacala.
Ubhekene namacala obugebengu asukela kwithenda yezigidi ezingama-R255 ze-asbestos elakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.