U-Ace Magashule uhudulele i-NPA enkantolo, ethi abanabo ubufakazi obugcwele

Lungani Zungu

Njengoba sekusele amasonto amabili nje ukuthi abuyele enkantolo, u-Ace Magashule wenza konke okusemandleni akhe ukubalekela ijele.

Kulokhu, uhudulele Isiphathimandla Sezokushushisa Kuzwelonke (NPA) enkantolo mayelana necala lakhe lezigidi ezingama-R255 lethenda lika-asbestos.

Emaphepheni asenkantolo, uMagashule ucele iNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein ukuba iyalele i-NPA ukuthi ikhiphe izincwadi ezifungelwe zofakazi bayo abaqavile, kubalwa noMoroadi Cholota owayengumsizi wakhe ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Ugxeke i-NPA, eyisola ngokuhluleka ukunikeza imininingwane ephelele ngecala lakhe.

Uthe ukubambezeleka kokukhishwa kwemniningwane ephelele yecala lakhe, kuyizinkomba zokuthi i-NPA ayinabo ubufakazi obugcwele.

UMagashule ufuna nokwazi bonke ofakazi umbuso ohlose ukubabiza uma icala selilalelwa mhla zi-11 kuNcwaba.

UMagashule, osondelene kakhulu noJacob Zuma uthe lokhu kubambezeleka kwenziwa ngamabomu ukuphazamisa amathuba akhe okulwela isikhundla sobuholi uma i-ANC isibamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngonyaka ozayo.

Uphinde wasola i-NPA ngokushiya imininingwane ebalulekile emacaleni ayo.

Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo ngoNhlolanja, i-NPA yathi uCholota wayesephenduke ufakazi wombuso.

UMagashule nokho wakuphika lokho.

Uthe udidekile ukuthi kungani umbuso wabiza uCholota njengofakazi omkhulu, wathi ubufakazi bakhe kwikhomishini yokulawulwa kombuso abuzange bumthinte.

“Ngiphinde ngalulekwa ukuthi ngiveze ngenhlonipho ukuthi ungufakazi wezokuvikela futhi angeke aphoqwe ngummangalelwa ukuba abe ngufakazi wombuso,” kusho uMagashule emaphepheni asenkantolo.

UMagashule ubhekene namacala ayi-13 okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali okususelwa kuthenda ye-asbestos.

Iqembu lakhe, i-ANC, lammisa esikhundleni sakhe sokuba ngunobhala-jikelele ngemuva kokunqaba ukwehla esikhundleni ngokuhambisana nenqubomgomo yeqembu yokumisa ezikhundleni abaholi ababhekene namacala abucayi.

Izihloko zakamuva