U-Ace akakhathazekile ngodaba lokuthi kumele asule esikhundleni

Lungani Zungu

Ngabe u-Ace Magashule useqalile ukusula itafula lakhe elungiselela ukuphuma eLuthuli House ngoLwesihlanu?

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa uhlekile wathi, “Cha!”

Abaholi be-ANC ababhekene nenkohlakalo, amacala okukhwabanisa, namanye amacala abucayi kulindeleke ukuthi ngoLwesihlanu behle ezikhundleni zabo kuhulumeni naseqenjini.

“Asikho isizathu sokuthi ngiphume ehhovisi lami,” kusho uMagashule.

“Amagatsha asafuna ukuthi ngisebenzise lelo hhovisi.”

UMagashule ubhekene necala lokukhwabanisa mayelana nethenda ye-asbestos eyaba nempikiswano ngesikhathi enguNdunankulu wase-Free State kanti ungaphandle ngebheyili yemali eyizi-R200,000.

“Izandla zami zihlanzekile, futhi ngizokufakazela lokho enkantolo. Angikwazi ukwehla esikhundleni ngenxa yalawo macala,” ukusho lokhu ngoLwesithathu.

Engxoxweni ehlukile, lowo owayeyiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, oseyilungu lesiShayamthetho sesifundazwe sase-KZN, uthe ngeke ashiye lesi siShayamthetho sesifundazwe.

“NgoMsombuluko, ngisazoqhubeka nokuba yilungu lesiShayamthetho,” esho.

UGumede ubhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa ithenda yemali eyizigidi ezingama-R430 ye-Durban Solid Waste ekhishwe ngesikhathi esayimeya ngowezi-2017.

“Ngazalelwa ku-ANC, futhi ngizofela ku-ANC. Ngizolwa izimpi zami kuze kube sekupheleni. Akukho noshushiso olungangiphula iqolo. ”

UMengameli uCyril Ramaphosa utshele ikhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso ngoLwesithathu ukuthi iqembu elibusayo ngeke lihlehle emkhankasweni walo wokuvuselela.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe wonke amalungu angcoliswe inkohlakalo, ukukhwabanisa namanye amacala abucayi kumele ehle esikhundleni kuleli sonto.

“Lesi yisinqumo se-NEC, futhi wonke amalungu athintekayo kulindeleke ukuthi asihloniphe leso sinqumo.” 

Izihloko zakamuva