U-A-Reece usekhiphe enye ingoma eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Omunye womrepha abambalwa baseNingizimu Afrika abangakangeni kulolu hlobo olukhulayo lwama-piano ngu-A-Reece. Kodwa umculi we-hip hop usebuyele endaweni yezohwebo ngevidiyo yakhe yomculo yakamuva yengoma ethi “tufF lucK.”

U-A-Reece ukhiphe ingoma ngoLwesihlanu ngaphansi kweqembu lababili i-Blue Tape, elihlanganisa yena nomfowabo omdala uJay Jody.

Futhi kubukeka sengathi izelamani zasePitoli sezikhiphe ividiyo yomculo we-hip hop eshisa izikhotha njengamanje. Ihlezi endaweni yesihlanu ohlwini lomculo osabalalayo ku-YouTube, njengoba ikhuphuke isuka kunombolo 11 emahoreni angu-24 nje kuphela.

Ngengoma i-“tufF lucK”, u-A-Reece noJay Jody bazwisa abathandi balolu hlobo lomculo ukushintshashintsha kwe-hip hop. Ingoma inika abalandeli ithuba lokuphefumula ukusuka emculweni onamandla wama-piano.

Ihlanganisa abanye omrepha abasondelene nalezi zelamani abafana no-25K wengoma ethi “the new age uMakaveli” kanye noT-Kay, oyingxenye yeqembu elidumile le-hip hop noJay Jody elibizwa nge-B3nchmarq.

U-A-Reece kanye no-Jay Jody, owaziwa ngelika-P-Jay, bakhiphe “i-tufF luck” njenge ngxenye ye-albhamu yabo ethi “HeaveN Can WaiT” : the narroW dooR voL.1 ngoZibandlela wongonyaka odlule. I-albhamu ingene endaweni yesibili ngesonto layo lokuqala kuma-albhamu aku-iTunes, okufakazela ukuthi  i-hip hop yangempela yaseNingizimu Afrika ayifile.

“Ngitshele uJod ukuthi asiqophe izingoma eziyikhulu esizozihlunga ngokuhamba kwesikhathi ohlelweni lokwenziwa kwe-albhamu… ngeke siyenze uma ‘singeke/ kungenzeki’ ukuthi ingene kwi-albhamu,” kusho u-A-Reece ngemuva kokukhipha i-albhamu ngaphansi kwe-Revenge Club Records.

“Ngithe sizobhekana nalo msebenzi ngenhloso yokuqopha wonke amaculo ale albhamu.”

Ividiyo yengoma ethi “tufF lucK”, eqondiswe i-Saya Creatives,  ukuisibukwe abantu abangaphezu kuka-100,000 ku-YouTube.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva