Tito: Ngabe siyayidinga i-SAA?

“Kumele senzenjani ngeSAA?” kwakuwumbuzo uTito Mboweni awubuze abalandeli bakhe abacishe babe yisigidi ku-Twitter.

UNgqongqoshe wezeziMali ongagwegwesi uvame ukuba ku-Twitter lapho exoxa khona ngezinto ezisematheni nabalandeli bakhe – kanti lokho bekubandakanya nokubuza ukuthi ngabe iNingizimu Afrika iyayidinga yini inkampani yezindiza kazwelonke.

I-SAA ibilokhu ihlengwa kusukela ngoZibandlela kowezi-2019. Sekuyiminyaka eminingi ithola usizo lokutakulwa, okukugcina kubeyimali eyizigidi ezingama-R10.5 billion. Imali yathathwa kwezempilo, ezemfundo nasemaphoyiseni.

Ama-tweets kaMboweni avame ukudala impikiswano.

Abahlaziyi abaningi bathi ungqongqoshe wezezimali akufanele abe nezingxoxo zezombusazwe ku-inthanethi, kodwa akavumelani nalokhu.

“Kungani kufanele umbuzo nge-SAA ushisa abantu abaningi kangaka? Wozani. Khulani! Lona akuwona umphakathi wama-Stalin. Abantu kumele bakhululeke ukuveza imibono yabo yentando yeningi. Nami futhi,” ubhale ku-Twitter.

Isithombe: @tito_mboweni

Izihloko zakamuva