“SUSANI IMINWE KATRUMP KU-NUCLEAR BUTTON”

Ngemuva kosuku abakwa-Scrolla.Afrika bexwayise ngokuthi uMengameli waseMelika ononya angaqhumisa umhlaba yize evinjelwe yi-Twitter ne-Facebook, abaholi baseMelika bathatha izinyathelo zokuvimba uDonald Trump ukuthi aqale impi ye-nuclear.

UNancy Pelosi, uSomlomo we-US House of Representatives, uthe ukhulume noGeneral Mark Milley, inhloko yamasosha aseMelika, mayelana “nokuvimbela umengameli ongazinzile ukuthi aqalise ubudlwangudlwangu bezempi noma athole amakhodi wokwethula (i-nuclear).”

Abakwa-Scrolla babike ukuthi uTrump uyakwazi ukufinyelela ku-nuclear ball – ipotimende elithwalwa eduze kwakhe ngaso sonke isikhathi futhi lapho angaqhumisa khona imicibisholo yokubhubhisa – yize amaphiko akhe esikiwe ezinkundleni zokuxhumana.

Okhulumela u-General Milley, u-Colonel Dave Butler, ukuqinisekisile ukuthi laba bobabili bakhulumile wathi u-General “uyiphendulile imibuzo yakhe mayelana nenqubo yokulawulwa kwamandla e-nuclear.”

UPelosi, oyi-Democrat ehamba phambili kwi-House, usezobeka icala kuTrump ngokugqugquzela isixuku esinodlame ukuba sihlasele i-Capitol, isihlalo sePhalamende laseMelika, uma engazishiyi phansi “ngokushesha.”

Kodwa-ke, ezinye izikhulu zamasosha zazi ngasese ukuthi uTrump usengumphathi omkhulu, futhi ngaphandle kokuthi asuswe, umbutho wezempi ubophezelekile ukulandela imiyalo yakhe esemthethweni.

Ngenkathi izikhulu zamasosha zingenqaba ukwenza imiyalo ezibheka njengokungekho emthethweni, azikwazi ukususa uMengameli ochungechungeni lomyalo. Lokho kungaba ngumbuso wamasosha, kusho bona.

Izihloko zakamuva