Sizwe Sibiya
USihle Sithole, owaziwa ngelikaBlxckie, oqhamuka e-Sydenham Height eThekwini, usekhiphe ingoma yakhe yokuqala ngemuva kwe-album ayikhipha ebizwa nge-Before Now ngoNhlaba ngowezi-2021.
Ingoma enesihloko esithi Kwenzekile, efana nomthandazo one-tempo ehamba kancane, ikhishwe ngoLwesine kuwo wonke amapulathifomu okusingathwa komculo. Le ngoma uyicula noMadumane ongumculi wama-piano kanye nomrepha uChang Cello.
Le ngoma ethi “Kwenzekile” kuzwakala sengathi konke kuzolunga,” kusho umsebenzisi we-Twitter ngemuva kokulalela le ngoma.
Ukhiphe le ngoma ehamba yodwa ngemuva kwe-album – enengoma ethandwa kakhulu ebizwa nge “YeX4” ayicula noNasty C kanye nengoma yosuku lokuzalwa ebizwa ngokuthi iSika – uBlxckie ubematasa ngezingoma zabanye abaculi.
Uvume kwi-podcast kaMacG and Chill ukuthi usebenza kanzima futhi uqopha ingoma entsha njalo ngosuku.
Ukusebenza kwakhe kuhambisana nezingoma ezimbili ezazibonakala ku-YouTube kulamasonto amabili adlule. Eyokuqala inoYanga Chief eyicula no25K ebizwa ngeNtoni Na, eyesibili ibizwa ngokuthi “When I`m Dead eculwa uDie Mondez kanye noFlvme. Kulezi ngoma zombili uBlxckie urepha ngo-auto-tune.
Okwamanje ividiyo yakhe ye-YeX4, ayikhiphe ngoNhlangulana ngowezi-2021, isanda kufinyelela kwinani labantu abayizi-900,000 abayibuka ku-YouTube.
Umthombo oqoshiwe: YouTube