Kamogelo Olaitan
Isigaba sesibili sokucishwa kukagesi sibuyile kanti kulindeleke ukuba sigadle kuzwele kwizakhamizi nakosomabhizinisi.
U-Eskom usola ukushoda kwamandla ngenxa yalesi simo.
Lesi sigaba sesibili bekulindeleke ukuba siqale izolo ngoLwesithathu ngo-11 ekuseni kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngesonto elizayo ngoMsombuluko.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu ekuseni, inkampani kagesi ithe kuyadingeka ukucishwa kukagesi ngenxa yokonakala kwamayunithi amabili aphehlayo ngoLwesibili ebusuku.
U-Eskom uthe kusukela ngempelasonto usebenzise izindawo ezinkulu eziphehla ugesi kwenzelwa izimo eziphuthumayo futhi nazo seziphelile zidinga ukugcwaliswa.
“Iziteshi zikagesi e-Kusile nase-Kendal kube nezingqinamba kanye nokubambezeleka kokubuyiselwa kwamayunithi nase-Kusile, e-Tutuka, e-Duvha, e-Lethabo kanye nase-Grootvlei nakhona kube nomthelela wezingqinamba ezikhona njengamanje,” kusho u-Eskom.
“Inkinga ifinyelele kumayunithi angu-14 994MW kanti kumele kulungiswe amayunithi angu-4 435MW womthamo njengoba sisaqhubeka nokulungisa le ndawo,”
U-Eskom unxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basize ukunciphisa umthelela wokucisha ugesi ngokunciphisa ukusetshenziswa kukagesi nokucisha izinto ezingabalulekile.