Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
IMeya yase-Ekurhuleni, uNkosindiphile Xhakaza, ukuqinisekisile ukuthi umlingisi wodumo uConnie Chiume uzongcwatshwa ngenhlonipho nangesizotha ngulo masipala.
UXhakaza ukuqinisekisile lokhu ngesikhathi evakashele umndeni kaChiume e-Norkem, e-Kempton Park, ngoLwesihlanu.
Umlingisi we-Gomora ne-Black Panther udlule emhlabeni ngomhlaka-6 kuNcwaba esibhedlela i-Netcare Garden City Hospital e-Mayfair eneminyaka engu-72.
UXhakaza uthe uChiume ufanelwe umngcwabo okhethekile nohloniphekile “ngenxa yokuthuthuka kwakhe, ukwenza imisebenzi yomphakathi kanye neqhaza lakhe lobuholi. Usezuze inqwaba yezindondo ngomsebenzi wakhe eminyakeni edlule.
“Ungumuntu ohloniphekile futhi ufanelwe ukuhlonishwa yidolobha,” usho kanje.
Imeya yengeze ngokuthi umlingisi ongasekho ubemele idolobha futhi waphakamisela i-Ekurhuleni phezulu ngesikhathi ehambele phesheya, ikakhulukazi e-Texas.
“Sithole ithuba lokuhlangana nobuholi base-Texas ukuze sakhe ubudlelwano obusekelwe ekushintshaneni kwamasiko nemfundo kanye namathuba ezomnotho.
“Ngemizamo yakhe, sikwazile ukwamukela umphathi-dolobha wase-Houston, eMelika, futhi saqala izingxoxo zokusungula izindiza eziqondile ezisuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ziya e-Texas.
“Lokhu bekuzosiza kakhulu ekuthuthukiseni ubudlelwano bezomnotho, amasiko, nobudlelwano bezamabhizinisi. Yilokho esikubiza ngokuba nedolobha kulibofuzo lwakhe,” kusho imeya.
UXhakaza uthe, eminyakeni edlule idolobha lase-Ekurhuleni lituse kaningi uChiume ukumhlonipha ngendima yakhe, ubuntu, kanye namagalelo akhe ekuthuthukisweni komphakathi.
Okhulumela umndeni uPercy Vilakazi uthe: “Umama uConnie ubengundlunkulu womndeni kanye nomuntu obebaseka njalo.
“Sizomkhumbula ngomoya wakhe okhululekile kanye nezindlela zokuthuthukisa wonke umuntu oseduze kwakhe.
“Emsebenzini wakhe wokulingisa, ngezinsuku ezibandayo, ubephathela abalingisi isobho elifudumele nedombolo ukuqinisekisa ukuthi bahlala befudumele.
“Asikho isikhathi empilweni yakhe lapho abefuna ukuphathwa njengosaziwayo,” kusho uVilakazi.
Umndeni uzohlangana ukuphothula usuku lwenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo wakhe.
Osesithombeni ngenhla: UNkosindiphile Xhakaza, imeya yase-Ekurhuleni.
Umthombo: Doreen Mokgolo
