Siyoze sihlukaniswe ukufa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kusukela kuchungechunge lodaba lukaRosemary (Killsurance) olwashicilelwa ngo-2019. UJustice Mudau wayecabanga ukuthi yena nomkakhe uNomsa babejabulile emshadweni wabo.

Bahlangana ngo-2007 e-Limpopo baya kohlala eTembisa, bashada baba nezingane ezimbili. Babewathokozelaamaholide abo e-Kruger Park naseThekwini.

UNomsa oyiphoyisa lesifazane kwakumhambela kahle emsebenzini esiteshini samaphoyisa sase-Norkem Park kanti umnyeni wakhe uJustice ubesebenzela inkampani ekhiqiza amafutha ezindiza e-Kempton Park.

Kwathi ngelinye ilanga ngeSonto ekuseni enyangeni kaNhlolanja ngonyaka ka-2018 kwama imoto ngaphandle kwekhaya labo eTembisa.

Abesilisa ababengaphakathi kwakuyizinkabi eziseqopheleni eliphezulu. 

Kuthiwa kusolwa ukuthi babezobulala uJustice.

UJustice wayesekhaya nezingane kanye noNomsa.

Omunye ongumngani wezinkabi welter wasondela esangweni, eshiya ezinkabi emotweni ewuhlobo lwe-Kia Picanto.

UWalter wazichaza njengohumushela laba ababesemotweni wathi baphuma endaweni yasemakhaya KwaZulu.

UWalter wachaza ukuthi laba abesilisa ababesemotweni babeqashwe ukuthi bazobulala uJustice.

UJustice okhuluma ulimi lwesiTshivenda watshelwa ukuthi umuntu omqashele izinkabi unkosikazi wakhe, uNomsa.

UJustice wema esangweni lakhe efisa ukuqhubeka nokulalela le ndaba emangazayo:

● UNomsa wayesekhokhe u-R400 njengemali yokuqala ukuthuma izinkabi ukuthi zenze umsebenzi. 

● Babevumelene ngemali engu-R20,000. 

● Watshela izinkabi ukuthi ufuna uJustice ashone ukuze akwazi ukuthola imali yomshwalense wakhe womngcwabo

● Izigebengu zamuqapha ngeso lokhozi uJustice zimlandela ziphinde zithwebula nezithombe zakhe. 

Ngemuva kokuthi izinkabi zihambe uJustice wanquma ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ahambe edolobheni. Wahamba wayohlala nabazali bakhe e-Limpopo.

“Angizibonanga ngilala naye endlini eyodwa ngoba ngangingakwazi nokubhekana naye emehlweni,” kusho uJustice.

Ngemuva kwezinsuku ezintathu wabuyela eTembisa eyovula icala ngoNomsa, wabe esebuyela e-Limpopo. “Ngemuva kokuvulela unkosikazi wami icala lokwakha itulo lokuthi ngibulawe esiteshini samaphoyisa eTembisa South ngahamba ngayocasha endaweni engaziwa.”

Ngemuva kwamasonto amabili uJustice wezwa ukuthi uNomsa uboshiwe ngamacala okwakha itulo lokubulala. Walinda amanye amasonto amabili ngaphambi kokuba abuyele eTembisa.

Kodwa uJustice wayekade esekhaya isikhathi esingaphansi kwesonto ngesikhathi uNomsa ededelwa ngebheyili futhi kungazelelwe wabuya ekhaya!

Ngenkathi uJustice ekhuluma ne-Scrolla.Africa mayelana nadlule kukho uveze ukuthi izinsolo azibeka unkosikazi wakhe azikakaqulwa eNkantolo.

Lezi zinsolo zenziwe ngamaphoyisa ngesikhathi ephikisa ibheyili kazakwabo kaNomsa – uRosemary Ndlovu, isihloko sochungechunge lwethu lokuqala lwe-Killsurance. Amaphoyisa asola ukuthi uRosemary wathathela amalungu omndeni ambalwa imishwalense wabe esewabulala noma wathola izinkabi ukuthi zibabulale ukuze akwazi ukuzitholela imali yomshwalense.

Incwadi efungelwe yamaphoyisa isola ukuthi uRosemary weluleka uNomsa ukuthi naye akwenze kanjani lokhu. Ithi uRosemary wacelwa nguNomsa Mudau ukuthi amsize athole inkabi ezobulala umyeni wakhe, uJustice Mudau.”

Ethintwa ukuba aphawule uNomsa Mudau uthe:

“Uzithathephi izinombolo zami? Angithandi ukukhuluma futhi angeke ngikhulume nawe mayelana nalolo daba ngoba ngikutshelile ukuthi angifuni.”

Izihloko zakamuva