Siyenyuka isibalo sabashonile ezitelekeni zamatekisi eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesilisa ongakadalulwa igama ungowesithathu oshonile ngenxa yezinxushunxushu eziqhubekayo eKapa njengoba isiteleka samatekisi esiqale ngesonto eledlule sishuba.

Onogada bahilizisane nabaphangi ngaphandle kwase-Shoprite elokishini laseMfuleni ngesikhathi kumiswa iloli ebelihambisa utshwala, lihlaselwa liphinde lishiswa.

Kudutshulwe izibhamu ngemuva kokuthi abaphangi bejikijele onogada ngamatshe. Owesilisa ongakadalulwa igama obengeyena unogada uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko kwathi omunye wesifazane walimala ngesikhathi kuqubuka udlame.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe uphenyo ngesigameko sokubulala.

“Kuvulwe amadokodo okubulala, ukuzama ukubulala kanye nodlame emphakathini ukuze kuphenywe ngemuva kwemibiko yokuqala eveze ukuthi amalungu omphakathi ahlasele iloli ebelithwele izimpahla aphinde ashaya onogada ngamatshe,” kusho uLieutenant-Colonel Potjie.

Uthe uphiko oluphenya ngobugebengu obubucayi nobudlova esifundazweni lujutshwe ukuthi luphenye ngalesi sigameko.

Ukubhekana nodlame obeludla lubi kule ndawo kudingeke ukuthi kungenelele amaphoyisa ophiko lwezokuvikela umphakathi ukuze kudambiswe isimo.

“Amaphoyisa ophiko lokuvikela umphakathi kudingeke ukuthi asebenzise amabhomu ukuhlakaza isixuku ebesivuke umbhejazane kanti uphenyo lusaqhubeka,” esho.

Lesi sigameko singesinye seziningi ezenzeke kusukela kuqale iziteleka zamatekisi ngoLwesine.

Ngalolo suku kudutshulwe kwabulawa indoda engaziwa. Kuthiwa umufi ubeshayela ebheke ekhaya ngesikhathi imoto yakhe imiswa ngabaphangi bamkhanda ngamatshe ngaphambi kokuthi adutshulwe.

NgoLwesihlanu kwabulawe iphoyisa laseKapa esigamekweni sokudubula esenzeka eNyanga. UZanikhaya Kwinana (32) udutshulwe wabulawa ngamadoda angaziwa abehlomile ngesikhathi eshayela ku-Miller Road.

Yize ingaziwa imbangela yokudutshulwa, amaphoyisa ebengakacacisi ukuthi kuhlobene yini nesiteleka esiqhubekayo.

Isimo siye sashuba kakhulu ngoLwesine ngesikhathi amatekisi amaningi eshaqwa ngamaphoyisa nokuyinto eholele ekutheni kube nodlame phakathi kwabashayeli bamatekisi.

Kusukela lapho amabhasi amaningi, amaloli kanye nezimoto ezizimele zishaywe ngamatshe zaphinde zashiswa abaphangi.

Izihloko zakamuva