Everson Luhanga
Ngemuva kokulahleka izinsuku eziyi-12, u-Elda Xaba wayefisa ukubona indodana yakhe ibuya, iphila noma ishonile.
Kodwa uThulasizwe Fortune Xaba watholakala ebulewe waphonswa emfuleni omncane e-Tembisa, e-Ekurhuleni.
Ababulali bakhe ababili baboshwa batholwa benamacala okubulala mhla zingama-25 kuNhlaba. Ijaji ligwebe laba bobabili iminyaka emihlanu ngokuthumba, neminyaka engama-20 ngokubulala.
U-Elda uthe ababulali bendodana yakhe abavumanga ukuthi babulala uThulasizwe kwaze kwaba usuku lokugcina enkantolo. Ngesikhathi sokunciphisa, baxolisa kuye nasemndenini wakhe: “Siyaxolisa. Sasidakiwe.”
“Ukube asikwenzanga lokhu, uThulasizwe ngabe usaphila namhlanje,” kusho omunye wabasolwa ababili enkantolo ngoLwesibili.
U-Elda uthe ukuxolisa kwabasolwa akwenzanga lutho ukumelapha njengoba umonakalo odaleke emndenini wakhe ungeke usalapheka kalula. “Ubengubaba ezinganeni zakwabo futhi enakekela wonke umuntu.
“Uthando lwakhe lomndeni yinto ebesilokhu siyikhumbula selokhu ashona,” kusho u-Elda.
Umseshi uSayitsheni Malesela Dan Moloantoa, obephenya ngaleli cala, uthe abasolwa ababili bathumbela babulala umufi ngemuva kokuklwebha imoto yabasolwa abebehamba ngayo.
“Omunye wababoshiwe utshele inkantolo ukuthi uThulasizwe wabancenge ebacela ukuthi uzokhokhela wonke umonakalo awudalile ngokuklwebha imoto, kodwa abamlalelanga,” kusho uSayitsheni Moloantoa.
Uthe omunye umsolwa washayela imoto kaThulasizwe ngenkathi omunye eshayela imoto eklwebhekile.
“Bashiya imoto kaThulasizwe ngasesiteshini samaphoyisa e-Rabie Ridge bahamba ngemoto yabo ngemuva kokulahla isidumbu sakhe emfuleni.
“Ngesikhathi kuqulwa leli cala, la madoda awazange avume ukuthi abulala uThulasizwe kwaze kwaba kufika ubufakazi obubabeka endaweni yesehlakalo base begwetshwa,” esho.
U-Elda uncome ukusebenza kanzima kwamaphoyisa ekuletheni abasolwa enkantolo nokutholwa kobulungiswa.
“Kimina, kunomthetho nokuhleleka kuleli. Bangamaphoyisa azimisele futhi asebenza ngamandla ukwenza umsebenzi wawo. Ngizohlala ngibonga njalo ngomsebenzi abangenzele wona,” kusho yena.